ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini nondunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi
Image: Facebook/ King Misuzulu
KUZOKUBA nezinguquko ekusebenzeni kukaNdunankulu kaZulu okhuza ibuya, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
UButhelezi, ophinde waqokwa kabusha kulesi sikhundla, usezosebenza nekomiti labantu abahlanu okuyilona elizothatha izinqumo ezibalulekile.
Lokhu kuvele esimemezelweni esikhishwe okhulumela iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, uMntwana uThulani Zulu.
UMntwana uThulani umemezele ukusungulwa kwekomiti okukhona kulo iphini likaNdunankulu kaZulu, Inkosi Phathisizwe Chiliza kanye nomele iSilo endlini yobuholi bomdabu, uMntwana uNathi kaPhumanyova Zulu.
UButhelezi uyena ozokuba usihlalo wekomiti, wathi uzobambisana nekomiti emsebenzini wakhe.
"Azikho izinqumo azozithathela eyedwa kodwa zonke izinqumo azozithatha uzovumelana nazo nekomiti. Lokhu kuzodala ubumbano futhi kuphinde kugweme noqhekeko njengoba izinqumo zizothathwa ngokubambisana. Lokhu kuzokwenza ukuthi izinhlaka zobukhosi zikhulume ngezwi elilodwa uma zixoxa nezinhlaka zikahulumeni, abatshalimali kanye nakubantu nje jikelele."
UMntwana uThulani uthe ikomiti yilona elizonquma ukuthi iziphi izinhlelo zesizwe ezizokwenziwa.
"Zonke izinqumo ezizothathwa yikomiti kufanele zivunywe iMbube. Ikomiti lizokube lisebenza neNgonyama, lokhu kuzoqinisekisa ukuthi iSilo yisona esizokuba nezwi lokugcina."
UMntwana uThulani uthe ukuqokwa kwekomiti kuzoqinisa ukusebenza kwezinhlaka zobukhosi bukaZulu.
"Ngokubambisana nekomiti uNdunankulu kaZulu uzohlela izingxoxo nezinhlaka zikahulumeni emazingeni ahlukene, avikele isithunzi sikaZulu, aphinde aqinise ubudlelwano namakhosi nemikhandlu yamakhosi."
UMntwana uThulani uthe iMbube iyamthemba kakhulu uButhelezi.
UButhelezi ufungiswe ngokusemthethweni ngoLwesibili ebusuku.
UButhelezi akamusha kulesi sikhundla njengoba esibambe isikhathi esithi asibe wunyaka ngonyaka owedlule.
Nakuba axoshwa esikhundleni ngasekupheleni konyaka owedlule, iSilo besiqhubeka nokukhombisa ukwethemba uButhelezi.
IMbube ibilokhu imjuba uButhelezi ukuba enze umsebenzi wesizwe njengoba ike yamjuba ukuba ahlele imbizo eyayizobhunga ngodaba lombango wokuphatha kwesikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust, kanye nokuvalwa kwebhange Ithala.
UButhelezi ubesaqhubeka futhi ebonakala emikhosini yaseNdlunkulu futhi ubelokhu emile kwelokuthi iMbube ayikaze imtshele ukuthi ayisamdingi esikhundleni.
Emukela isikhundla, uButhelezi uthembise ukusebenza ngokwethembeka.
"Ngiyafunga ukuthi ngizohlonipha iSilo ngiphinde ngisebenzele isizwe ngokuthembeka."
UButhelezi waxoshwa esikhundleni emva kwezikhalo zokuthi wayesebenzisa isikhundla ukulwa izimpi zepolitiki.
UButhelezi uyilungu le-IFP, aphinde abe uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Related Topics: