UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa
Image: Itumeleng English / Independent Newspapers
UPHIKO lwentsha kwi-ANC kanye nolwabesifazane lusho ngazwi linye ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, ngeke akhishwe esikhundleni.
I-ANC Youth League (ANCYL) ne-ANC Women's League (ANCWL) bathe abakhohlwe labo abakha itulo lokuketula uRamaphosa.
I-ANCYL ne-ANCWL bebephefumula emva kwemibiko eveza ukuthi kukhona ngaphakathi kwi-ANC abakha itulo lokuchitha uRamaphosa.
I-ANC izoba nengqungquthela iNational General Council (NGC), ngesonto elizayo.
I-ANCYL ne-ANCWL bakuphikile ukuthi kunetulo lokuketula uRamaphosa.
UNobhala we-ANCYL, uMnuz Mntuwoxolo Ngudle, uthe amampunge okuthi uRamaphosa ulengelwa yizembe asatshalaliswa abantu abazama ukuphazamisa amalungiselelo eNGC.
"I-ANC ibumbene futhi sonke siyameseka uRamaphosa. Amagwala nje lawa ahambe esabalalisa amampunge okuthi kunetulo lokuketula uRamaphosa. Laba bantu bazifihlile, abafuni ukuphumela obala. Sizobhekana nabo ngoba asibasabi. Inhloso yabo wukuphazmisa amalungiselelo eNGC lapho sizobuka khona ibanga esilihambile, siphinde siqhamuke namaqhinga okuya phambili."
UNgudle uthe basajabule ngobuholi bukaRamaphosa.
"Ngaphansi kobuholi bukaRamaphosa sibone uhulumeni uvuselela imizamo yokuba kuhlomule wonke umuntu emnothweni wakuleli, kwaphinde kwabekwa eqhulwini eyokuphathwa ngendlela kwemali yingakho ke simeseka uRamaphosa. Ngeke sivume ukudukiswa abantu abacashile. Siphonsela inselelo abahambe befafaza amanga ukuba baphumele obala, musani ukukhuluma nicashile."
Unobhala we-ANCWL, uNkk Nokuthula Nqaba, uthe kwi-ANC kunendlela okwenziwa ngayo izinto.
"Kuyishwa ukuthi kukhona abaholi abangayihloniphi imigomo ye-ANC. Bahlulwa yini ukukhuluma ezinhlakeni ze-ANC uma bengajabule ngomengameli? Yini eyenza ukuthi baye koqamba amanga kwabezindaba?"
UNkk Nqaba uthe basajabule ngobuholi bukaRamaphosa, wancoma isinqumo sikahulumeni sakamumva sokuhlonza ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane njengenhlekelele ebhekene nezwe.
UNkk Nqaba uthe kuningi okuhle okwenzeke ebuholini bukaRamaphosa okubalwa kukho ukusingathwa ngempumelelo komhlangano wamazwe angaphansi kweG20 obukuleli ngeledlule, kanye nokulwa nenkohlakalo.
"Sonke siyazi ukuthi uRamaphosa ulwa nenkohlakalo futhi iningi imali yoMbuso eyayintshontshiwe esiyibone ibuyiswa njengoba sekuphethe uRamaphosa."
Izolo i-ANC ibinomhlangano wesigungu esiphezulu okhethekile lapho ibilungiselela iNGC.
Related Topics: