Cyril Ramaphosa
Image: Screengrab/ SABC
UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthi ingqungquthela yenhlangano ezokuba ngelizayo, iNational General Council (NGC), ayibizelwe ukuzoketula uMengameli Cyril Ramaphosa.
UMbalula uphike ukuthi kunetulo lokuketula uRamaphosa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemva komhlangano wesigungu esiphezulu okhethekile.
Umhlangano okhethekile ububizelwe ukuzoxoxa ngamalungiselelo engqungquthela.
UMbalula uthe bayameseka uRamaphosa okuvela ukuthi kunetulo lokumkhipha esikhundleni.
"Awukho nakancane umbango wezikhundla lapha kwi-ANC. Akukho mbango lapha, sibumbene. Amampunge nje lawa aqanjwa abantu abangaphakathi kanye nabangaphandle kwe-ANC abafuna ukuhlakaza inhlangano. Okubalulekile kuthina ukwakha kabusha i-ANC. Abantu abanendaba nombango wezikhundla. Lesi akusona isikhathi sokukhuluma ngombango wezikhundla. Asikwazi ukulibala ukubanga izikhundla ekubeni sibhekene nezinkinga ezingaka."
UMbalula uthe amahlebezi etulo awamphazamisi nakancane uRamaphosa emsebenzini wakhe.
"Uyaqhubeka nokwenza umsebenzi awunikiwe wokuhola i-ANC. Uyawazi umsebenzi awuqokelwe."
UMbalula uthe ingqungquthela izobheka ibanga eselihanjiwe ekufezeni okwakuvunyelwene ngakho engqungqutheleni yokukhetha ubuholi eyayingo-2022.
"I-NGC iyithuba lokucobelelana ngolwazi. Ngempelasonto izifundazwe bezinemihlangano yokulungiselela iNGC. Into egqame kakhulu ugqozi lokwakha kabusha i-ANC. Into ehamba phambili ukuba sibuyisele i-ANC emandleni. Zonke izithunywa zizonikwa ithuba lokuba zilethe imibono futhi nalabo abanemibono eyehlukile nabo bazonikwa ithuba lokuba bakhulume."
UMbalula uphinde waveza ukuthi sebeliphosile ithawula emizamweni yabo yokunxenxa idlelandawonye layo, iSACP, ukuba lingalingeneli ukhetho ngokuzimela.
UMbalula uthe abaholi beSACP babatshele emehlweni ukuthi abaguquki esinqumweni sabo sokungenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngokuzimela.
"Bayinhlangano ezimele, lesi yisinqumo abazithathele sona. Uma besho bathi isinqumo sabo asisho ukuthi abaseyona ingxenye yamadlelandawonye. Thina into esizoyenza sizoqhubeka nezinhlelo zethu zokungenela ukhetho."
UMbalula uthe isinqumo seSACP sizodala indida kulabo abanobulungu be-ANC kanye nobamaKhomanisi.
"Lolu daba aluthinti nje i-ANC kuphela kodwa luthinta amadlelandawonye. Lesi sinqumo sisho izinto eziningi. Kufanele silubheke kabanzi lolu daba. Sizokwethula umbiko ozochaza kabanzi ngesimo samadlelandawonye ikakhulukazi isinqumo seSACP sokungenela ukhetho ngokuzimela."
Related Topics: