Izindaba

Zimapeketwane izinto eqenjini likaShivambu

Sabelo Nsele|Published

UMHOLI we-Afrika Mayibuye Movement, uMnuz Floyd Shivambu

Image: X

KONAKELE eqenjini eliholwa owayengunobhala jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, i-Afrika Mayibuye Movement. 

Basula belandelana abaholi kuleli qembu elisanda kusungulwa. Ngeledlule kusule abaholi abathathu abanezikhundla eziphezulu eqenjini. 

Kuqale kwasula obeyiphini lomholi, uMnuz Robert Nwedo. Encwadini yokwesula, uNwedo uthe ufuna ukugxila enhlanganweni yabasebenzi ayiholayo,  iMawusa.

UNwedo ubengakahlali isikhathi eside esikhundleni njengoba engene emva kokuxoshwa kukaNkk Nolubabalo Mcinga.

UNkk Mcinga waxoshelwa izinsolo zokuthi waba nomhlangano oyimfihlo nomholi weMK,uMnuz Jacob Zuma. 

Emva kokwesula kukaNwedo kube sekushiya amaphini onobhala, uNksz Gabisile Shongwe, noMnuz Luther Lebelo. 

Ukusula isigubhukane kwabaholi kuphoqe ukuba kubizwe umhlangano ophuthumayo lapho kuqokwe abaholi abazongena ezikhundleni ezisale dengwane. 

I-Afrika Mayibuye Movement yenze okungajwayelekile njengoba iqoke amaphini omholi amathathu. 

Abaqokiwe uMnuz Thato wa Mogogodi, Nkk Nomsa kaMashobane Sibisi, noMnuz Siphephile Mahlaba.

Kwesephini likanobhala lokuqala kuqokwe uMnuz Mzwandile Goge, kwathi kwesephini likanobhala lesibili kwaqokwa uNksz Nosipho Makamba.

Leli qembu liphinde lengeza nezinye izikhundla nokwenze bagcina bengu-13 abantu abanezikhundla eziphezulu. 

Okhulumela iqembu, uMnuz Sydney Baloyi, uthe bebevele besezinhlelweni zokubaxosha abanye balaba baholi abashiyile.

"Abanye bagijime basula ngoba sebezwile ukuthi sisezinhlelweni zokubakhipha ezikhundleni. Bonke laba abasulile abasewona amalungu eqembu."

UBaloyi uthe izinguquko ngeke ziphazamise umgqigqo weqembu, wathi okunalokho zizokwenza ukuthi iqembu lisebenze kangcono kunalokho obeliyikho.

I-Afrika Mayibuye Movement isanda kumemezela ukuhoxiswa komcimbi wayo wokuqoqa imali.

Bekumba eqolo ukungena kulo mcimbi. Ukuhlala etafuleni okuzokube kuhleli kulo uShivambu bekubiza u-R2 million, kube u-R1.5 million ukuhlala etafuleni okuzokube kuhleli kulo iphini lomholi. 

I-Afrika Mayibuye Movement ikuchithile ukuthi lo mcimbi uhoxiswe ngenxa yokungathengwa kwamathikithi.

Esitatimendeni, ithe umcimbi uhoxiswe ngenxa yokuba matasa namalungiselelo engqungquthela ezoba kule nyanga.