Izindaba

Obengumsakazi woKhozi ucishe walala ebaliwe

Charles Khuzwayo|Published

UNONGCEBO McKenzie usinde ngokulambisa esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela

Image: SIGCINIWE

OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM neGagasi FM, uVukile Nongcebo McKenzie, usinde ngokulambisa eseyogqunywa esitokisini ngenxa yokungawuhloniphi umnqamulajuqu nge-number plate. Kuzokhunjulwa ukuthi abanikazi bezimoto banqunyelwa ugwayi katiki ngokuguqula ama-number plate ngoNovemba 30. Ukuboshwa kukaNongcebo kudalulwe nguye ekhasini leFacebook ngoMsombuluko.

"Bazalwane bokumkhonza lungisani izindaba zenu noRTI noMnyango wezokuThutha. Kubi kubi kubi eKZN. Kucishe kwabheda namhlanje… nge-license disc ne-number plate… umthetho uqine ngenye indlela! Nkosi yami Jesu, okwakabani ukuboshwa ngoDisemba! Bengiqhaqhazela, ngixolisa, sebengikhomba esiteshini samaphoyisa sasePinetown. Wuuuu!!!"

UNongcebo, osenePodcast yakhe, washiya oKhozini ngo-Ephreli 2024.

Wayeqale ukusakaza kwiGagasi ngo-2005 kodwa wajoyina uKhozi FM ngo-2008. Ngaphandle kwamava uNongcebo uhlome ngolwazi lwemfundo njengoba enoxhaxha lweziqu okubalwa kuzo  iBachelor of Commerce in Business Management and Economics ayithola e-University of KwaZulu Natal, iBA in Communication Science ayizuza e-UNISA ne-MBA  ayithola e-University of Stellenbosch Business School.