UCLLR Dickie Nciki oqokwe njengePhini leMeya yasoGwini
Image: SITHUNYELWE
IKHANSELA , uNkk Dixie Nciki, likhethwe njengePhini leMeya yoMkhandlu wasoGwini emcimbini obuse-Ugu Sports and Leisure eGamalakhe ngoLwesine.
UNciki ungene esikhundleni ebesiphethwe wuMnuz Mandla Chiya , obehlatshiswe ikhefu kusukela nyakenye ngaphambi kokukhonjwa indlela wumkhandlu.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, uNkk Nciki akamusha neze ekuletheleni umphakathi intuthuko.
"Uza namava njengoba eseke wasebenza njengeMeya yaseMuziwabantu lapho athulelwa khona isigqoko ngokuzibambela ebuholini nangokuzinikela kwakhe ekuthuthukiseni umphakathi. Ubuye waba yilungu lesigungu esiphezulu, waba wusihlalo wekomiti elibizwa ngeSound Governance & Human Resources."
Ukuqokwa kukaNkk Nciki kufike ngesikhathi esimqoka lapho lo mkhandlu uqinisa kakhulu ekuletheleni umphakathi amanzi nokukhuculula indle. Eziphawulela uCllr Nciki uthe uzibophezele ekusebenzeleni umphakathi ngaphandle kokuchema nokubambisana namalungu omkhandlu ekuletheni intuthuko.
USomlomo walo mkhandlu uMnuz Sizwe Ngcobo, uhalalisele uNkk Nciki futhi wakhombisa ukubethemba ubuholi bakhe.
"Ngiyazibophezela ekusebenzeni ngokuzikhandla ekuletheni intuthuko nokubuyisa ithemba emphakathini wethu," kusho uNkk Nciki.