Izindaba

USiya uzokwazi ngenyanga ezayo ukuthi uKhisimusi uzowudlela kuphi

Charles Khuzwayo|Published

USIYA Mhlongo uzokwazi ngenyanga ezayo ngesinqumo secala abhekene nalo

Image: SIGCINIWE

OBENGUMSAKAZI woKhozi FM, uSiyabonga "Siya" Mhlongo, uphunyuke okwesikhashana eNkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho ebhekene khona necala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa owayeyisinqandamathe sakhe uMnuz Njabulo Duma (30) ngoSepthemba. Izolo bekulindeleke ukuthi iMantshi, uMnuz Mhlonipheni Sibiya, ikhiphe isigwebo kodwa yabuye yashaya ungqimphothwe yakuhlehlisa lokho.

USibiya uthe uSiya (42) uzokwazi ngoDisemba 15 ukuthi ugixabezwa ngasiphi isigwebo. Okwenze uSibiya wakulibazisa ukugwetshwa kukaSiya yingoba ifuna ukucubungula isicelo sommeli kaSiya, u-Advocate Simphiwe Mlotshwa, onxuse ukuba umsolwa ashaywe ngoswazi oluncane.

UMlotshwa unxuse inkantolo ukuba inikeze uSiya isigwebo esimisiwe, akhokhiswe inhlawulo noma anikezwe umsebenzi kodwa angakhokhelwa. Uthe uSiya wayengeke alenze leli cala ukube wayengaphuzile.

 Uchaze uSiya njengomuntu oyimvu yeNkosi ebiqala ukwenza icala. UMlotshwa uthe uSiya usebenze njengomsakazi oKhozini, kwiGagasi nakwiMetro iminyaka ewu-20 engumsakazi futhi kuleyo minyaka, ewu-15 uyichithe esakaza izinhlelo zezenkolo. 

Udalule ukuthi uSiya ubehola uR45 000 oKhozini futhi ondla ngenyanga unina onesifo somdlavuza nodadewabo onesifo sengqondo ngoR5000.Ngaphezu kwalokho uSiya ulahlekelwe wumsebenzi futhi wahlukumezeka ngokwengqondo njengoba kungekho mali abeyihola.

Emuva kwalesi sigameko uSiya wanxusa abaphathi ukuba bammise emsebenzini kuze kudlule leli cala. Kulo nyaka abaphathi balo msakazo bathathe isinqumo sokungabe besamubuyisela emoyeni uSiya ohlelweni, Ubusuku Obuhle kwathi esikhundleni sakhe kwafakwa uNkosinathi Mshengu.

Efika enkantolo uSiya ubeswenke ngesudi emnyama, ihembe elimnyama, izibuko ezidimile nezicathulo ezimnyama. Kwebezomeseka kubalwa obengumphathi wezinhlelo kuKhozi FM uZandile Tembe, obenza ezemfashini kulo msakazo uMthokozisi "Swenka" Chili, umhleli wemicimbi uPhindile "Pru" Zulu, umculi uClive Gumede nabanye.