UKUGWETSHWA kukaSiya Mhlongo kuhlehliselwe inyanga ezayo
Image: Facebook/Siya Mhlongo
NJENGOBA bekulindeleke ukuthi kugwetshwe obengumsakazi woKhozi FM, uSiyabonga "Siya" Mhlongo ngoLwesine, iNkantolo yeMantshi yaseThekwini ishaye ingqimphothwe. Esikhundleni sokumenyezelwa kwesigwebo, iMantshi, uMnuz Mhlonipheni Sibiya, ikuhlehlisela uDisemba15 ukugwetshwa kukaSiya. Ithe uSiya uzoqhubeka abe ngaphandle ngebheyili ka-R1000.
NgoNovemba 5, uSiya (42) ulahlwe yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa owayeyisinqandamathe sakhe, uNjabulo Duma (30). USibiya wathola uSiya enecala lokushaya uNjabulo ezinzulwini zobusuku ngoSepthemba 1, 2024.
Lesi sigameko saphoqa abaphathi boKhozi FM ukuba bagcine bemkhombe indlela uSiya ngokuthi bangasivuseleli isivumelwano ebebenaso nale nsizwa eyayisakaza, Ubusuku Obuhle.
Kwenzeka lokhu nje uSiya uhluleke wancama ukunxenxa inkantolo ukuba ichithe ubufakazi bommangali ngoba "buntekenteke futhi bungesebenziseke enkantolo".
Le mizamo kaSiya kwamane kwafana nokuthi wayemane ethela amanzi emhlane wedada njengoba inkantolo yaphikisa isicelo ayesifakile.
Abameli bakaSiya babekhala ngokuthi kukhona lapho ummangali athi khona akazange ambone uSiya emjikijela ngebhodlela ngoba wayesabheke phansi wezwa ngalo selimshaya. Bathi kuyona le nkantolo waphinde wathi wambona uSiya emjikijela ngebhodlela. Okunye abakhala ngakho abameli bakaSiya wukuthi kungani inkantolo ithembe ubufakazi obethulwa umuntu okwenzeka isigameko ecwile ezinkambeni zikaFaro.
Bakhala nangokuthi ummangali wathi waklinywa ekubeni udokotela owamhlola wafika enkantolo wathi zazingekho izimpawu zokuthi ngempela waklinywa. Nakuba kunjalo imantshi yamchitha uSiya nabameli bakhe.