Izindaba

Omaskanda bafuna unyaka uhlukaniswe nguMafikizolo

Charles Khuzwayo|Published

UMAFIKIZOLO usethubeni lokunqamula unyaka ngengoma yakhe eshisa izikhotha ethi Uyoncengwa Unyoko

Image: FACEBOOK

YIZE kusasele izinyanga ezine kuhlukaniswe unyaka kodwa iningi labaculi bakamaskandi seliphumele obala lathi lihamba nengoma yomculi waseMnambithi, uLethukuthula "uMafikizolo" Mhlongo, esihloko sithi Uyoncengwa Unyoko.

Le ngoma seyiphenduke ihubo lesizwe eNingizimu Afrika kangangoba idlalwe okokuqala emsakazweni uKhozi FM kanye nakwiTop 40 yeMetro FM maqede yagidelwa ngisho nangabasakazi balezi ziteshi, okungoSomizi Mhlongo, Dineo Ranaka, Vusizwe Langa noBingelela Mpanza. NakuMhlobo Wenene beyigidelwa wumsakazi wakhona ongumlingisi weSmoke and Mirrors, uLusanda Mbane.

Kubaculi bakamaskandi abahambisana nokuthi le ngoma isale seyisiwelisela ku-2026 kukhona Khuzani Mpungose, Mthandeni Manqele, Ntencane, Limit Nala, Menzi Mabizela, Ithwasa Lekhansela nabanye.

Ephawula uMafikizolo (25) waseBusi, eWasbank, uthe ukujabulele kakhulu ukuzwa ozakwabo asebemnkantshubomvu kule ndima bekhuluma kanje.

"Lokhu kukhombise ukuthi sekunobumbano emculweni kamaskandi. Akusafani nakuqala lapho umculi kwakufanele aze athuke omunye ukuze umculo wakhe unakwe."

Uthe ngesikhathi enza le ngoma wayekulindele ukuthi ithakaselwe kakhulu ukwedlula ezinye. Uthe okwenza lokho wukuthi uwumuntu ohlale efuna ukuqhamuka nento ehlukile kweyabanye futhi ugxile emculweni wothando.

Le ngoma isanda kuqopha umlando ngokwephula irekhodi lengoma kaCiza ethi Isaka (6am) ngokuba nama-streams amaningi masontonke. Njengamanje inama-streams angaphezu kuka-1 367 million, idlula ekaCiza eno-1 289 million. Kuma-iTunes iqengqeleza phambili, idonsa izingoma zoKabza De Small ngomchilo kanti kwiYouTube seyidlalwe amahlandla angaphezu kuka-7.5 million ngenyamga eyodwa. Ilele isithathu ohlwini lwezingoma ezikwi-Local Top 10 ne-International Top 20 kuma- Official SA Charts ngenxa yokudlalwa kwayo kwiSpotify, Apple Music, Deezer nakwiYouTube Music. 

Ngaphandle kwalokho idanselwa ngapha nangapha kuleli, ngisho nasezinkundleni zemidlalo. Nasezikoleni abafundi babonakala beshaya umdanso futhi becula leli culo likaMafikizolo. Uze wathinteka ezinsukwini waze wayonikelela abafundi ababili basesikoleni saseVryheid, iSingama Primary, wathembisa ukubaxhasa ngomfaniswano wesikole.

Nakuba konke kumhambela kahle emculweni uMafikizolo uveze ukuthi akasenabo abazali futhi uyise akamazi kanti nonina washona eseneminyaka emihlanu kuphela.

Uthe esikoleni wagcina ephasele uGrade 11 eBusi Combined ngenxa yesimo esenzeka ekhaya nesagcina simphoqe ukuba ashiye ikhaya. Uthe awukho umsebenzi ayehlele ukuthi uzophila ngawo esafunda.

Emculweni ungene ngo-2018 emuva kokuba wumlandeli womculo kaMjik'jelwa Ngubane ongasekho. Unezingane angasidalulanga isibalo sazo kodwa akakaganwa.

UMAFIKIZOLO uqengqeleza yedwa ezingomeni zikamaskandi kuma-Official SA Music Charts

Image: FACEBOOK

UMAFIKIZOLO usethubeni lokuhlukanisa unyaka emisakazweni

Image: FACEBOOK