BESE simbozwe kanje isidumbu sesitshudeni saseDUT, esiziphonse safa ophikweni iSteve Biko eThekwini izolo ekuseni
Image: WANDILE DLAMINI
KUHLEHLE izivivinyo ebhilidini obekuzobhalela kulona izitshudeni izolo eNyuvesi iDurban University of Technology (DUT), eThekwini, esinye sezitshudeni sizithanqaza sisuka esitezi esiphezulu.
Isitshudeni okusabalele i-video yaso siziphonsa akucaci ukuthi sizibulalelani.
Silobe igama laso lingakadalulwa ngoba bekusaziswa umndeni nezihlobo ngesehlakalo.
Kwi-video siziphonsa eqoshwe ezinye izitshudeni, kuzwakala abebememeza bezama ukusikhuza.
Isolezwe lihambele kulesi sikhungo lafica kugcwele izitshudeni zithukile, kusathathwa isidumbu sesitshudeni. Ezinye izitshudeni bezikhala, ezinye zidangele ngenxa yento eziyibonile.
Omunye wabasondelene nesitshudeni, ongeke avezwe, uthe utshelwe wumufi ukuthi kukhona okungahambi kahle phakathi kwakhe nomunye wesifazane.
“Noma engachazanga ukuthi kwenzekani, kodwa ungitshelile ukuthi kukhona izinkinga,” kuchaza ozibize ngomngani.
Uthe uyathuthumela ngokwenziwe wumngani wakhe, athe ubengakulindele futhi akaze asho ukuthi ngendlela aphatheke kabi ngayo angaze akhethe ukuzibulala.
Esinye isitshudeni esithumelele leli phephandaba umyalezo, sithe yimbi into abayibonile abakufunayo wukuthi kuhlehliswe izivivinyo futhi bathole ukwelulekwa ngokomqondo ngenxa yalesi sehlakalo.
“Sifuna iNyuvesi ihlehlise izivivinyo ezizoqala maduzane, ayilula into esiyibonile ibuhlungu, kakhulu,” kuchaza isitshudeni.
Ezinye izitshudeni bezikhiphela ngaphandle ozakwabo kulesi sikhungo zithi abaye lapho behlala khona kungabe kusaqhutshekwa nokufunda nokubhala.
UMnuz Alan Khan wakulesi sikhungo, esitatimendeni abasikhiphele abezindaba, uthe njengesikhungo basathukile ngokudlula emhlabeni kwesitshudeni ngokuzuma.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe, abangani kanye nezitshudeni abefunda nazo. Amaphoyisa ayaphenya ngokuholele kulesi sigameko, igama lakhe lizodalulwa uma sekubikelwe umndeni wakhe. Izitshudeni nabasebenzi bazokwelulekwa ngokomqondo. Sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngoxolo,” kusho uKhan.
Related Topics: