Izindaba

AbaseKZN bavume uShivambu ngebhodwe lakhe

Sabelo Nsele|Published

UMHOLI weMayibuye Consultation Process, uMnuz Floyd Shivambu, ohambele KwaZulu-Natal ngempelasonto

Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers

ABAKWAZULU-NATAL bagqugquzele owayengunobhala jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, ukuba abhalise ngokusemthethweni iqembu lezepolitiki elisha.

Abantu bakulesi sifundazwe bathe sebekhathele wukudlala amaqembu ezepolitiki, bathi uShivambu useyithemba labo lokugcina.

Bakusho lokhu ngesikhathi uShivambu ehambele eThekwini, lapho ebesaqhuba khona izingxoxo zokuba kufanele yini kuqalwe iqembu lezepolitiki elisha.

Abantu abebehambele umhlangano wayizolo bathe bafuna ukuthi iqembu elisha, elizobizwa ngeMayibuye i-Afrika, lingenele ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.

UMnuz Linda Sishi, waseHammarsdale uthe sekukaningi bekhohliswa ngabaholi bamaqembu ezepolitiki.

"Sengiwahambile amaqembu, ziningi izikibha ezihleli ekhaya. Kuningi esithenjiswe khona. Uma kufika iqembu elisha lifika nezethembiso ezintsha."

UMnuz Mthobisi Mjilo waseMzimkhulu, uthe iMayibuye iyithemba lakhe lokugcina.

"Ayikho enye indawo esingabuye sikhalele kuyo ngoba kunzima lapho sihlala khona ku-ward 16. Njengoba ngisho ukuthi ngizokhala kwiMayibuye. Sesikhathele wukulokhu sihlukunyezwa. Sinenkinga kagesi. Ngikhuluma nje, ontanga abaqedile esikoleni abakathathwa ezikhungweni zemfundo ephakeme ngenxa yokuthi azikho izikhala. Nami nginexhala lokuthi kuzokwenzekani uma ngiqeda isikole."

UMnuz Thembelani Ntuli waseNkandla, uthe abantu sebekhathele yizethembiso ezingafezwa.

 

UNtuli uthe abantu bafuna iqembu elizoxazulula izinkinga.

"Abantu bakhathele ukulokhu betshelwa ngezinkinga, manje bafuna iqembu elizoqhamuka nesisombululo."

Abantu abaningi abakhulumile bakhale ngokungabi bikho kwamathuba emisebenzi.

UShivambu uthe uyazazazi izinkinga ezibhekena nabantu baKwaZulu-Natal.

UShivambu uthe bonke omasipala baKwaZulu-Natal bakhungethwe yizinkinga ezehlukene. Uthe inkinga enkulu eyamanzi kanye nokungabi khona kwentuthuko.

"Siyazi ukuthi kunenkinga yamanzi eMkhanyakude koMhlabuyalingana nakoMtubatuba. Siyazi ukuthi ayikho intuthuko esifundeni iZululand. Siyazi ukuthi eKing Cetshwayo nakhona ayikho intuthuko. Ayikho intuthuko eNkandla yize iyikhaya lowayengumengameli. Siyazazi izinkinga ezibhekene nabantu basesifundeni Ilembe."

Uthe: "EThekwini abantu abaningi bahlala emijondolo. Abantu abanayo indawo yokuhlala. Idolobha alinakiwe. Idolobha alibukeki njengendawo engaheha izivakashi. Kunenkinga yamanzi emalokishini amaningi, Umlaza, KwaMashu, kwaXimba naseHammarsdale. EMgungundlovu kunenkinga yama-transformer. Uma siye koRichmond, abantu bacela sibathengele ama-transformer. Lawa ma-transformer kufanele engabe athengwa wuhulumeni."