Izindaba

AbeMetro FM bazobe bephethe uhlelo kuma-awards

Charles Khuzwayo|Published

LERATO ‘LKG’ Kganyago

Image: SIGCINIWE

ABASAKAZI beMetro FM, uLerato "LKG" Kganyago nozakwabo uLamiez Holworthy, bazophatha uhlelo kumaBasadi In Music Awards eJoburg Theatre eGoli ngenyanga ezayo.

Ngaphezu kwalokho lezi zintokazi ziqhathwe emunxeni weDJ of the Year lapho ziqokwe khona noDJ Zinhle, DJ Tshepi noKele Mogano. ULamiez, osakaza noLulo Cafe uhlelo lwangoMgqibelo ngo-4 ntambama iThe Penthouse Session, uzophatha uhlelo lapho kuzobe kuklonyeliswa khona abesifazane abasebenza ngemuva ngamaVanguard Awards ngo-Agasti 1.

Ngalolu suku kuzobe kuhlonishwa abantu besifazane abanjengabacwali bezinwele, abangabadidiyeli, izimenenja nabanye. NgoLwesihlanu uLamiez uzobe esebenza nomsakazi wohlelo lwaphakathi nezinsuku i5 Lunch kwi-5 FM, uZanele Potelwa, ozobe enkanise kukhaphethi obomvu.

ULerato, osakaza noProverb uhlelo lwaphakarhi nezinsuku ngo-12 iMidday Link Up, uzobe elawula ngo-Agasti 2. Yena uzobe elekelelana noLethabo Lejoy noRefilwe Modiselle nabo abazobe benkanise kukhaphethi obomvu ngoMgqibelo.

Isiqubulo sakulo nyaka samaBasadi In Music Awards sithi Umhlaba, Amanzi, Umlilo noMoya. Umsunguli walo mqhudelwano futhi oyinhloko yawo, uHloni Modise, uthe kulo nyaka bahlose ukubungaza wonke umuntu wesifazane ovelele endimeni yomculo. Uthe lo mcimbi uwukudlulisa umyalezo kwabesifazane abayibambile insimbi ishisa ukuba bangabe besayeka.

Oyinhloko yaseJoburg Theatre, uXoli Ndimeni, uthe bayaziqhenya kakhulu ngokuba yingxenye yale ngqophamlando. Kwabaqokiwe kulo nyaka kubalwa uZee Nxumalo, Xolly Mncwango, Kamo Mphela, Makhadzi, Nontokozo Mkhize, Lwah Ndlunkulu, Bassie, Sneizy, Gigi Lamayne, Nadia Nakai, Babalwa M, Zethe, Naledi Aphiwe, Azana, Shandesh, Kharishma, Cici, Liema Pantsi, Relebogile Mabotja, Lootluv, Mpumi Mlambo,Moozle, Anele Zondo,Laconco nabanye. URebecca Malope uzohlonishwa ngendondo yeLifetime Achievement

LAMIEZ HOLYWORTHY

Image: FACEBOOK