UDKT Simon Dingani 'SD' Gumbi enoMbuyiseni Ndlozi
Image: X
UMFUNDISI wodumo uDkt Simon Dingani "SD" Gumbi ubengathandwa ngabezenkolo kuphela kodwa nakwabepolitiki ubeyintandokazi. Lokhu kuhlale obala okwezinqe zesele emuva kokuzwakala kwezindaba zokudlula kwakhe emhlabeni. Kwabanye babaholi abaziwayo kwipolitiki abalile esikaNandi isililo, kubalwa uMbuyiseni Ndlozi.
Le nsizwa eyaduma kwi-EFF kodwa esingumsakazi wePower FM, ithe ikufa kunomhobholo ngokubahlwitha uGumbi.
"Inhliziyo yami iyaqaqamba. Nokuba kunjalo, ubezogcizelela ukuthi uyohlala noMdali. Sengathi umkakhe onothando, izingane zakhe nezihlobo zegazi bengaduduzeka. Ngaphezu kwalokho, umzimba wonke kaKrestu, usehambile u-Amen," kusho uNdlozi.
Nomsunguli weMayibuye, uMnuz Floyd Shivambu, uthe kwiMayibuye babahlonipha akakhulu abaholi bezenkolo abanjengoGumbi. "Sibathulela isigqoko ngeqhaza labo ekubuyiseni ubuntu nesimilo emphakathini wethu," kuchaza uShivambu obengumholi we-EFF neMK Party. Amanye amaqembu abhonge adlulise induduzo yi-ANC ne-IFP.
UGumbi (75) uzofihlwa ngomngcwabo osezingeni likahulumeni, emuva kwenkonzo ezokuba seStanderton Showgrounds, eMpumalanga, ngoLwesibili kusukela ngo-9 ekuseni.
Ngokusho kowomndeni, uGumbi uzofihlwa ngokwesigaba sesibili. Ngaphambi kokuba afihlwe kuzoba nohide lwezinkonzo. Kusukela izolo kuze kube yinamhlane ngo-6 kuya ku-8 ebusuku kuzokuba nemithandazo. NgoLwesihlanu kuzokuba nenkonzo yesikhumbuzo ngo-3 ntambama e-Assemblies of God, eStanderton.
NgoMgqibelo, kuzophinde kube nenkonzo yesikhumbuzo emzini kaGumbi oseStanderton ngo-3 ntambama bese ngeSonto ebandleni likaMbhishophi Mkhwane iChurch Combined Spiritual Feast & U-"Amen Usekhona" kube nenkonzo yesikhumbuzo ngo-3 ntambama. NgoMsombuluko kuzophinde kube nomthandazo ohambisana nomlindelo phakathi kuka-6 no-8 ebusuku.
UGumbi, owazakhela udumo ohlelweni loKhozi FM UNkulunkulu Nomuntu Omusha futhi edume ngombuzo othi "Usekhona u-Amen?", udlule emhlabeni ngoMsombuluko ngezithuba zabo-8.30 ebusuku. Izindaba zokushona kwaleli qhawe kwezenkolo zimenyezelwe ngozibize ngendodana kaGumbi, uMfu Nhlapho. Uthe ukufa kumenele uGumbi emuva kokugula isikhathi eside. Uhamba nje uGumbi, ubesehamba ngesihlalo esinamasondo emuva kokunqanyulwa umlenze wangakwesokudla.
Abanye abadlulise amazwi enduduzo ngumculi uSipho Makhabane, indlovukazi yomculo wokholo, uDkt Rebecca Malope, uThinah Zungu, uBenjamin Dube nabefundisi bamabandla ahlukahlukene. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali okuningi ngoGumbi.