K.O.
Image: FACEBOOK
ISIHLOKO: Phara City
UMREPHA: K.O.
UHLOBO: Rap/Hip Hop
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
LE-ALBHAMU kaNtokozo "K.O." Mdluli iphume maqede kwanesithangami sabezindaba ebesibizwe wuKhomishana waPhoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi. Ngubani ongathi usekhohliwe inkulumo kaMkhwanazi etatazalise nogqihile, egagula amagama ezikhulu zamaphoyisa nezikahulumeni ezikhohlakele?
Nakuleli cwecwe uK.O. uyakuveza ukuthi ngisho nezifundiswa nengalo yomthetho iyaphenduka amaphara kuleli. Uyiqale ngesingeniso esisuselwe engomeni yomculi wokholo waseZimbabwe uBryan K. Yilapho eveza khona ukuthi kungcole kwasani kuleli. Nasengomeni ethi Cross Night usaqhubeka nokudingida ngokwenzeka edolobheni londingasithebeni ababizwa ngamaphara. Engomeni esihloko sithi Ma11, uK.O. ucaphune ingxoxo yango-2008 yeLaw and Disorder in Johannesburg lapho uLouis Theroux ayekhuluma khona noMosimanegape "Maleven" Moleta owayegixabezwe ngesigwebo sentambo ngecala lokubulala ngo-2021.
Usakhumbula ukuthi kwenzekani ngesikhathi uK.O. enze ingoma ethi SETE ngo-2022? Beze nenye esihloko sithi Pharadise enekhorasi yokholo. Engomeni ethi Thokoza, uK.O. uhlanganise uNaledi Aphiwe, eMtee no25K. Eculweni alenze nozakwabo uCassper Nyovest, uK.O. elithi Supernova, ufudumeze inoni lomculi ongasekho uLebo Mathosa elithi I Love Music. Yize le-albhamu imnandi yonke kodwa lengoma iyintandokazi yami.Okwenza lokho ukuthi ngangisithanda isigqi sengoma kaLebo.
Singichazile isigqi sengoma ayenze neBlaq Diamond esihloko sithi Phara Love. Ezinye izingoma ezizokugeza ubebebe ngezithi Summer To Remember, No Chorus, Joina, GBS, Push It, California nethi Hush Money.
Ngiyithandile ikhava ngoba isidweba siphelele isithombe sokuthi uK.O. uxoxa ngani ezingomeni eziqukethwe yile-albhamu. Ubonakala ezenza iphara kodwa eswenke ngesudi yeKarl Lagerfeld ngenhloso yokuveza ukuthi ubugebengu kuleli benziwa nangabantu abathembekile hhayi ondingasithebeni kuphela.
Ngamafuphi udinga ukushayelwa ihlombe ngokuba nesibindi sokukhuluma ngesihloko abanye abasisabayo ukusithinta ngoba besaba ukuvalelwa. Kuzofanele ube nayo le-albhamu ngoba uK.O.ukhiphe amangwevu.