Ubuyele kuNyaope owaduma ngoMugwanti wa Pitori

Charles Khuzwayo|Published

Kuphoxeke abaningi uDj Mujava ebuyela ekubeni undingasithebeni.

Image: Facebook

Umdidiyeli womculo waseNingizimu Afrika, u-DJ Mujava, odume ngengoma ethi “Mugwanti Wa Pitori,” usebuyele ezitaladini zase-Atteridgeville ngemuva kokuphothula uhlelo lokuhlunyeleliswa kwezimilo ngoFebhuwari 2025.

Leli ciko elineminyaka engu-39 ubudala, ogama lalo langempela u-Elvis Maswanganyi, belilwa nenkinga ye-nyaope, okuyisidakamizwa esidlangile eNingizimu Afrika.

Uhambo luka-DJ Mujava lokululama lwesekwe yiciko elinguzakwabo u-DJ Karri, elamsiza lamngenisa esikhungweni esilwa nezidakamizwa kanye nobugebengu eSeshego, eLimpopo. 

Yize ephothule lolu hlelo lokulungisa isimo ngeFebhruwari nonyaka, ukukhathazeka kuphinde kwavela njengoba uDJ Mujava esanda kubonwa esebuyela emigwaqeni yase-Atteridgeville. Imibiko iveza ukuthi kungenzeka ukuthi usephinde wabuyela kuzo izidakamizwa, esesimweni esingesihle.

Lokhu kunyuse ukwesaba emndenini nakubalandeli bakhe mayelana  nokululama kwakhe kanye nezinselelo asaqhubeka nokubhekana nazo empini yakhe.

Umama ka-DJ Mujava, uRose Maswanganyi, uzwakalise ukuthi unethemba lokuthi indodana yakhe izokwazi ukunqoba izinkinga zayo futhi ibuyele embonini yomculo isinamandla kunakuqala. 

Abalandeli bomculo basaqhubeka nokulandela u-DJ Mujava, bebonga amagalelo akhe emculweni waseNingizimu Afrika futhi bezwakalisa ukumeseka ohambweni lwakhe lokululama ngokugcwele futhi akhe kabusha impilo yakhe nomsebenzi wakhe.

Kuphoxeke abaningi uDj Mujava ebuyela ekubeni undingasithebeni.

Image: Facebook