UMSAKAZI weGagasi FM, uLuyanda Khambule, exoxa noqweqwe lomlingisi uLindani Nkosi, esithangimi sabezindaba ebesiseNto's Boutique Hotel, eMhlanga, sokuzolandisa ngomdlalo waphesheya kwezilwandle othi Jumanji, ohunyushelwe olimini lwesiZulu
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
SIMANGALISO NTSHANGASE noNOKUBONGWA PHENYANE
KULINDELEKE ukuthi uqhubeke isikhathi eside umbono wokukhiqiza kabusha imidlalo yethelevishini kuhlanganisa namafilimu adume umhlaba wonke, kwenziwe ukuthi kukhonjiswe ngendlela eqhakambisa izilimi zomdabu.
Lokho kushiwo uFaith Moliea wophiko lwezokumaketha esiteshini semidlalo yethelevishini sakwiDSTV iMovie Room (Channel 113), esithangamini sabezindaba ebesiseNto’s Boutique Hotel, eMhlanga, enyakatho yeTheku, lapho obezokhonjiswa futhi kwethulwe ngokusemthethweni ifilimu yaphesheya kwezilwandle ethi Jumanji, esiyenziwe kabusha ngendlela yokuthi kukhulunywe ngesiZulu kuyona.
Engxoxweni neSolezwe, uFaith uthe lokhu bakwenze ngoba bebona isasasa lokuthandwa kwamafilimu nemidlalo ehlukene okukhonjiswa esiteshini sabo sethelevishni, okwenze babona ukuthi kukhona abangakwenza ukuqhubekela kulokho.
KUSUKELA kwesokunxele; wumthwebuli wesiteshi sethelevishini iMovie Room uThapelo Monese, uJustin Samuel wophiko lwezokukhangisa e-Independent Media, uFaith Moliea wophiko lwezokumaketha eMovie Room, umlingisi uLindani Nkosi noSimamkele Njo wophiko lwezokumaketha eMovie Room
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
"Sibonile ukuthi akusizi ukuziba le midlalo nala mafilimu ekubeni kubonakala ukuthi baningi kangakanani abantu bakithi abakulandelayo, yingakho sibone kukuhle ukuthi siguqule lo mdlalo ube ngolimi abaluzwayo nabaluqonda kangcono, ukusiza ukuthi ilandeleke kalula.
Kanti futhi sibheke ukuthi kungapheleli lana ngoba miningi neminye imidlalo yaphesheya kwezilwanele esihlale siyikhombisa esiteshini sethu esesiqalile amalungiselelo okuthi iguqulwe bese ikhonjiswa izwakale iwulimi oluqondeka kalula ebantwini," usho kanje.
Umakadebona wokulungisa uLindani Nkosi, ongomunye wababambe iqhaza ekuhumusheni lo mdlalo ukuthi uyiswe esiZulwini, uthe lokhu kube yithuba alithokozela kakhulu nathemba ukuthi lizosiza ukuvula amathuba omsebenzi endimeni yezokulingisa kubhekwe phambili.
"Ngithemba nokuthi lokhu kuzoba yisiqalo sezinto ezinhle zokusiza ukuthi kuthuthuke imboni yethu yokulingisa, ikakhulu ngoba ukukhiqiza nokwenza imidlalo ngale ndlela yinto engavamile endimeni yethu ikakhulu ezweni lethu, esibheke ukuthi kube nomphumela omuhle njengoba kuyinto esihlose ukuthi iqhubekele kwesinye isigaba," kusho uNkosi.