IGagasi FM seliphinde latheza omunye kuKhozi FM

Fanelesibonge Bengu and Nokubongwa Phenyane|Published

UTHOZAMA Ngwenya olaxaze Ukhozi FM wajoyina iGagasi FM

Image: Instagram

KUNGAKAPHELI sikhathi esingakanani iGagasi FM liqinise isikimu salo ngobekuKhozi FM, seliphinde lalanda omunye oqale emsebenzini izolo.

NgoJuni, lesi siteshi esizinze eCornubia, silande uSelbeyonce Mkhize obesakaza uhlelo lwantambama phakathi neSonto noTshatha Ngobe.

USelby, oke wasakaza kulo iGagasi phambilini, usenza uhlelo olungena ngesikhathi esifanayo ngo-3 kuya ku-6 ntambama ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, noDJ Sphectacula noDJ Naves.

Kulokhu kushiye kungezelele umdidiyeli wezinhlelo uThozama Ngwenya okuthiwa wesule ekuqaleni kwenyanga edlule.

"Asitshelwanga lutho sibone ngaye esephuma kwi-group kaWhatsApp ngoLwesibili, kwayima abaphathi besho ukuthi uyahamba uya kwenye indawo," kusho umthombo ongaphakathi kuKhozi.

"Asitholanga nethuba lokuvalelisa kuye, kuvele kwaba muncu nje."

Ubedidiyela izihlelo iFakumoya, Namba Namba neChillas kanjalo nolweYoutube Ukhozi FM TV.

KwiGagasi usedidiyela uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto olwenziwa wuFelix Hlophe noMinnie Ntuli. Isikhala sivuleke kuhamba uMfundo Mabaso ezinyangeni ezedlule.

IGagasi yisiteshi angasexwayi njengoba ngaphambi kokuya kuKhozi, wayengumdidiyeli wohlelo lwasemini phakathi nesonto khona ngaleso sikhathi lwenziwa uKini Shandu owashiya uhlelo lwase luthathwa uFelix Hlophe.

Utshele leli phephandaba ukuthi ujabule ngokundlondlobala ngokomsebenzi.

"Ngihambe kahle kuKhozi asizondani kodwa ngibone kuyithuba lokundlondlobala ngokomsebenzi kule minyaka engu-12 ngikulo mkhakha. Ngiyabonga kakhulu ngethuba abangiphe lona futhi ngibe wumphathi okokuqala khona ngoba kuKhozi FM bengizibambele," kusho uThozama.

Uthe okumjabulisa kakhulu wukuthi uzokwazi ukwenza nezinto abebuye angqindeke kuKhozi ngenxa yimi.

"UFel x wumuntu esazana naye kakhulu ngoba sake sasebenza ndawonye phambiini. Kusho lukhulu kimi ukwethenjwa ngohlelo olukhulu kangaka. Ngeke ngigcini emsakazweni kodwa ngizodidiyela nohlelo lweYoutube lwakhona i-Elevate ngoba ngabatshela ukuthi ngiyayithanda i-tv. Ngizizwa ngithobekile, uNkulunkulu mkhulu."