U-SELBY Selbyonce Mkhize osekuvele izindaba zokuthi uzoba yingxenye yohlelo lwantambama emsakazweni iGagasi FM
Image: Facebook
BAGQEMEKE udume lwengozi abaphathi nabalaleli boKhozi FM, isilomo somsakazi uSelby “Selbeyonce” Mkhize, silaxaza lesi siteshi kungazelele.
USelbeyonce ubesakaza uhlelo iWoza Nabangani Bakho noTshatha Ngobe ngo-3 kuya ku-6, lntambama phakathi nesonto. UTshatha uzoba ngumtshingo ubethwa wubani ngokuhamba kukaSelby.
Umthombo weSolezwe upotshoze ukuthi uSelby ugcina namhlanje ukuzwakala emoyeni.
“Mhlawumbe usuzwile kodwa uma ungakazi uSelby uyahamba. Abaphathi badidekile ngoba yinto abebengayilindele ngoba phela izinkontileka ezintsha zisanda kuqala manje ngo-Ephreli,” kusho umthombo.
Uthe abaphathi bazamile ukumncenga ukuthi angashiyi, bathembisa nokumnyusela umholo kodwa wathi phinde, isinqumo usesithathile.
Isolezwe selingakuqinisekisa ukuthi lo msakazi ubuyela "ekhaya" kwiGagasi FM lapho aqala akhona ukusakaza.
“Waze wanenhlanhla uSelby. Unikezwe inkontileka yeminyaka emithathu yiGagasi,” kusho omunye umthombo ongazani nowokuqala.
Lo mthombo ongashayi eceleni, uveze ukuthi uSelby uke wabonakala eMhlanga, ehamba nezinye izikhulu zomsakazo nabanye abasakazi.
Kulo msakazo uyovala isikhala sikaZisto ohlelweni iGagasi Fastlane, eyenziwa uSphectacula noDJ Naves ngo-3 kuya ku-6 ntambama maphakathi nezinsuku.
UZisto ushiye ngo-Ephreli, wajoyina i-East Coast Radio.
Umthombo ubuze ukuthi kazi kuzokwenzakalani ngendawo uSelby ayilingisa kuZalo kwiSABC 1?
“Phela laphaya uwuSelby woKhozi manje ngoba engasekho oKhozini, bazomisa kanjani?” kubuza umthombo.
Umphathi woKhozi FM, uLwazi Mthabela uthe njengomsakazo kubafikisela imizwa ehlukene ukuhamba kukaSelby‘Selbeyonce’ Mkhize, kulo msakazo afika kuwo ngo-2012. Ukuqinisekisile ukuthi lo msakazi uzogcina ukuzwakala namhlanje.
“Selokhu aqala ukuba umethuli wohlelo iWoza Nabangani Bakho kusuka ngo-2014, ubeyilungu elibalulekile emndenini wethu. Ukuzinikela kwakhe nomdlandla akade enawo kwenze isiteshi saba nempumelelo. Konke la akade ehamba khona ubesimela kahle isiteshi eziqhenya ngaso, waze wahlomula ngezindondo lokho okwenze wathinta izinhliziyo zabaningi. Siyaziqhenya ngokukhula akukhombisile nokuzikhandla ekukhuleni kwakhe ngokomsebenzi, futhi siyameseka ekhasini elisha azoliqala kulo mkhakha, simfisela konke okuhle," kuchaza uLwazi.
Sekuyinsakavukela ukuthi iGagasi noKhozi bashintshiselane ngabaphathi nabasakazi. Muva nje, umphathi wabasakazi kwiGagasi FM, u-Ayanda Melansi, washiya kuKhozi wabuyela kulesi siteshi esizinze eCornubia Mall.
ULwazi naye uke waba kwiGagasi FM phambilini.
IGagasi khona izolo, bese liqalile ukumema abezindaba emcimbini wokumemezela lezi zinguquko emsakazweni wabo, njengoba bezozenza ngoLwesihlanu ntambama, eMhlanga.
Kanjalo noMinnie Dlamini uqalile ukuzwakala kulo msakazo njengoba kunguye isihambeli sokugcina esizozwakala ohlelweni lwantambama ngenxa yokuthi bekusabhekwa ozovala isikhala sikaZisto.