Ezokungcebeleka

UJoye uzocobelela abesifazane ngomkhakha wezolimo kwiNtandokazi

Nokubongwa Phenyane|Published

UNKK Nonhlanhla Joye ozobe eyisikhulumi esiqavile emcimbini weNtandokazi ngoMgqibelo eThekwini

Image: Sithunyelwe

UZOCOBELELA abesifazane ukuthi bayikhuthalele eyokuba abalimi, ukuze bangabhuqwabhuqwa yindlala noma belahlekelwa yimisebenzi, uNkk Nonhlanhla Joye, ozobe eyisikhulumi esiqavile emcimbini walo nyaka Intandokazi.

Umcimbi walo nyaka uzobanjelwa ePremier Splendid, eMhlanga, ngoMgqibelo. 

UNkk Joye onepulazi Umgibe Farming Organics, eliseWartburg, ngaseMgungundlovu, uthe ungene kulo mkhakha ngemuva kokulahlekelwa umsebenzi kulandela ukugula kanzima, odokotela bethola ukuthi unesifo somdlavuza.

UNkk Nonhlahla Joye nezinye izitshalo zakhe aziphilisa ngazo muva nje

Image: Sithunyelwe

"Ngo-2014 ngathola ukuthi nginomdlavuza, lokhu kwaholela ekutheni ngiphelelwe umsebenzi ngenxa yokuxinwa ukugula. Ngemuva kokuthi isimo sami sesingcono ngazithola ngijika nelanga ngingazi ukuthi kumele ngenzeni ngempela. Ngaqala ngalima indawo encane egcekeni, kodwa izinkukhu zadla izitshalo zami nokwangenza ngafuna elinye iqhinga nokula engakha khona umgibe ngagaxa oplastiki ngalima endaweni ephakeme," kusho uNkk Joye.

Uthe ngemuva kwesikhathi uthando lolimo lukhule waze wathola indawo enkulu nokula aseqeqeshela khona abantu, abangu-18 000 ikakhulukazi intsha nabesifazane.

"Ngiyafisa ukuthi intsha nabesifazane bawukhuthalele lo mkhakha, nami futhi ngizinikele ukuthi ngisebenzisane nabo. Ngikholelwa ekutheni intsha iyikusasa kuzona zonke izinto esizenzayo, ngakho uma sinika yona ulwazi esinalo sizofinyelela kude kakhulu. Abesifazane bona babheke amakhaya ngakho uma bezinikela kulo mkhakha bangaxosha ikati eziko ngisho emindenini abakhelene nayo njengoba ezolimo zivula amathuba omsebenzi," kuchaza yena.

Uthe ngoMgqibelo uzophinde alandise abesifazane ngohambo lwakhe ngesifo somdlavuza nokuthi wasinqoba kanjani.

"Ngizobashiya namathuluzi okutshala ukudla okukhula ngemvelo okungadingi ukuthi kuze kufakwe amakhemikhali, nokuyiwoma adala lesi sifo emzimbeni. Mina odokotela bangitshela ukuthi kukhona amakhemikhali enginawo emzimbeni nangadingeki, ngakho konke ukudla esikutshalayo sisebenzisa indlela uNkulunkulu ayedale ukuthi kwenzeke ngayo, kusetshenziswa umhlabathi namanzi kuphela," kuchaza yena. 

UPhumi Mkhize obhekele ezokukhangisa kwiSolezwe uveze ukuthi amathikithi asatholakala ku-www.quicket.co.za ngo-R595. 

Uthe uhlelo lomcimbi luzobe luphethwe wumsakazi weGagasi FM, uSelby Mkhize, kanti kunandisa umculi ocula owokholo ophinde abe wumsakazi woKhozi FM uPhindi P noDJ Queen.