Ezokungcebeleka

'UHlathi' ubonga alingisa nabo kwiNimba

Nokubongwa Phenyane|Published

USISA Hewana olingisa indawo kaHlathi emdlalweni Inimba

Image: Sigciniwe

UBONGE ozakwabo abambisene nabo emdlalweni Inimba, umlingisi uSisa Hewana ngendawo kaHlathi, abantu abaningi abangayithandi muva nje.

USisa ukuveze lokhu ekhasini lakhe kwi-Instagram, wathi ukubumbana kwabo kwenze izinto zaba lula uma besebenza.

"Ngihlale ngikubonga ngaso sonke isikhathi ukuchitha isikhathi nozakwethu, esiphathene kahle nabo. Kusukela ekuqaleni kuze kube manje njengoba sisebenza konke kwaqala ngabo sikwenza sibambisene. Ngaso sonke isikhathi sihlale sihleka, sikhala sonke, sikhuluma ngesizokwenza ukuze sijabulise ababukeli. Izindawo esizilingisayo siyazithanda kakhulu usuku nosuku," kusho uSisa.

Kulezi zinsuku lo mlingisi uyisitha sabaningi njengoba indawo ayilingisayo imenza abe nyamanambana kubabukeli.

Lo mlingisi uke waveza ukuthi akubanga lula ukulingisa le ndawo njengoba uHlathi kungumuntu ofuna ukwenzisa abantu izinto ngendlela ethandwa nguyena.

"Ababukeli angiboni ukuthi bayoke bamthande uHlathi, ngoba njalo ufuna ukwenza ngendlela athanda ngayo engabacabangeli abanye. UHlathi unomhawu. Konke ufuna kuhambe ngendlela yakhe, akabacabangeli abanye abantu. Indawo kaHlathi ngiyishiya emsebenzini angifuni ngize ngiyiphile ngempela," kusho lo mlingisi.

Osaziwayo okukhona kubo u-Anele Mdoda bangabanye abahlale bekhuluma ngalo mlingisi indlela abangamthandi ngayo ngenxa yemikhuba ehlukene ayenzayo.

Ngisho iningi lababukeli balo mdlalo nalo lihlale liveza indlela elingamthandi ngayo uHlathi. 

UMzansi Magic muva nje usanda kumemezela izindaba zokuthi bayazilula iziqephu zeNimba ngenxa yesasasa lawo.

UShirley Adonisi weMzansi Magic waveza ukuthi kuningi okuzayo ababukeli abasazokujabulela, eziqeshini ezingu-90 abasaziqopha ukuyisa umdlalo phambili.

Lokhu kwaphoqa ukuthi bamemezele abalingisi abasha asebeqalile ukuvela okukhona kubo uSamkelo Ndlovu, Sandile Mahlangu noLuzuko Nkqeto.