Ezokungcebeleka

Kwethulwe abazophatha uhlelo kumaSAMA

Nokubongwa Phenyane|Published

UPAMELA Mtanga okwabazophatha uhlelo emcimbini walo nyaka wamaSAMA

Image: Sigciniwe

KUYIHAMBELA kahle intokazi engumethuli wezinhlelo uPamela Mtanga, njengoba isimenyezelwe njengomunye wabazophatha uhlelo emcimbini amaSouth African Music Awards (SAMA 31) azoba ngoDisemba 14.

Bese kuqala ukuba nemibuzo ngale miklomelo njengoba kujwayeleke ukuthi ibe maphakathi nonyaka kodwa lokho kwangenzeka. Kulindeleke ukuthi uPamela abambisane ekuphatheni uhlelo lomcimbi noSiyabonga Ngwekazi owaziwa kakhulu ngoScoop Makhathini.

Abahleli bomcimbi baveze ukuthi bakhethe laba bobabili njengoba benamakhono ehlukene ahambisana namava emkhakheni wezobumnandi nasekwethuleni izinhlelo.

UNati Gwija okhulumela amaSAMA 31, uthe kulo nyaka bafuna ukuqhubeka bahloniphe abaculi hhayi nje ngempumelelo yabo kodwa ngomsebenzi abawenzile beqamba izingoma abazenzile.

“Ngesiqubulo salo nyaka esithi "Flowers For Those Who Keep Our Nation Singing" sihlose ukunika abaculi izimbali ngomsebenzi wabo ohlukene abawenzile kulo mkhakha. Kulo mcimbi asigcini nje ngokuhlonipha abaculi kodwa sihlonipha nophrojusa, abaqambi bezingoma nabazibhalayo nalabo abapikwe ezingomeni ezihlukene. Mkhulu umsebenzi abawenzayo bejabulisa abantu ngengoma," kusho u-Unati.

Uthe bazimisele ukwenza umcimbi osezingeni njengoba ungeke ujatshulelwe yilabo abazowubuka bukhoma kodwa uzophinde usakazwe bukhona kwiSABC1. 

"Umhlaba wonke usubuka umculo wethu ngelinye iso, ngakho ukuqhubeka nawo kuyindlela yokubonga abaculi abalokhu beqhubekile nokwenza ukuthi lolu hlobo lomcimbi lube khona. Simema bonke abaculi abaqokiwe ukuthi bafike bazokwamukela izimbali zabo ngalolu suku oluyingqophamlando," kusho yena.

U-Unati uveze ukuthi maduzane bazomemezela abaculi abazonandisa emcimbini walo nyaka nendawo umcimbi ozobanjelwa kuyo.