UBONGE ithuba lokuphinda abuye kwithelevishini uMadam Evodia Mogase njengoba engomunye wabesifazane abazobonakala ohlelweni iThe Real Housewives Ultimate Girls Trip ezoqala ngoLwesihlanu
Image: Sithunyelwe
USOMABHIZINISI owazakhela igama ohlelweni iThe Real Housewives of Johannesburg, uMadam Evodia Mogase, useveze ukuthi ukhethe ukubuya ezinhlelweni zethelevishini ngoba efuna ukuxhumana nabalandeli bakhe.
Ukusho lokhu njengoba engomunye wabesifazane abazobonakala kwisizini yesibili yohlelo iThe Real Housewives Ultimate Girls Trip: Africa, ezoqala ukukhonjiswa kwiShowmax kusasa.
Kulolu hlelo kuzobonakala abesifazane abaqhamuka emazweni ahlukene ase-Afrika nasebeke baba yingxenye yohlelo iThe Real Housewives, abaye eBrazil bezikhipha nokulapho kuqala khona umsindo othinta impilo yabo.
“Ngibuye ngoba ngifuna ukuphinde ngixhumane nabantu abangithanda ngiqala ukubonakala kwithelevishini. Ngakho leli thuba ngesikhathi livela ngijabulile ngalithatha ngezandla zombili. Ukuya kwami eBrazil siqopha kungenze ngahlangana nabesifazane engingabazi abanye bengibazi saba nesikhathi esimnandi futhi kwaba nezingqinamba njengoba besenza umsebenzi esifuna ababukeli bawujabulele,” kusho uMadam Evodia.
Uthe ngemuva kokuvela kwakhe okokuqala kwithelevishini akubona sekudlule konke wukuthi waba yisikhuthazi kwabesifazane abafuna ukungena emkhakheni wamabhizinisi futhi asebekhulile njengaye.
“Kwavuleka amanye amathuba amaningi ngenxa nje yokubonakala kwami ohlelweni olukhulu njengaloluya. Namanje njengoba ngihlangane nabesifazane basemazweni ahlukene bengifisa ngabe sichithe isikhathi eside kunalesi esibe naso futhi saba nobudlelwane obujulile kodwa ngenxa yomsebenzi ebesiyowenza sibe nesikhathi esincane kodwa ngithemba ukuthi kukhona okuhle okuzovela,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi yize izinhlelo zalolu hlobo sezithe chithi saka, kodwa ezinye zazo zivele zisebenzise abesifazane abangavezi impilo yabo ngokweqiniso, abangena kuzo ngenxa yokufuna udumo.
Kule sizini ezoqala uveze ukuthi abantu bazokujabulela abazokubona ngenxa yokuthi kuningi okuzobe kwenzeka abazokuthanda.
Related Topics: