USMASH Afrika ozophatha uhlelo oluyisipesheli lweBig Brother Mzansi
Image: Sigciniwe
INTSHA eyabonakala kumasizini amabili ohlelo iBig Brother izobonakala eziqeshimi ezine zalolu hlelo oluyisipesheli iBig Brother Mzansi: The Special! kusuka ngoDisemba 14, ngo-5 ntambama.
Le ntsha eyabonakala kwiBig Brother Mzansi Umlilo neSiyamosha, izohlala phansi nengxenye yababehlezi endlini kaBig Brother ukubheka ukuthi bakuphi nempilo futhi bunjani ubudlelwano babo manje nabanye ozakwabo.
UShirley Adonisi wakwaM-Net uveze ukuthi kuyaqala emlandweni walolu hlelo ukuthi kwenzeke okunje.
“Kuzoqopheka umlando ngalolu hlelo njengoba ingxenye eyaba ngundabamlonyeni ngesikhathi isendlini kaBig Brother kuyiyo ezogqama kulezi ziqephu eziyisipesheli esizozikhombisa. Bazohlangana babheke izingxabano ababa nazo, izigameko ezenzeka ababukeli okungenzeka ukuthi abazibonanga. Abanye abaxabana endlini bazothola ithuba lokubuyisana njengoba manje sebephumele ngaphandle,” kusho uShirley.
Uthe lolu hlelo luzobe lubanjwe wuSmash Afrika, nokunguye ozobuza yonke imibuzo ababukeli bohlelo okungenzeka babe nayo.
“Siyazi sonke ukuthi iBig Brother Mzansi ingaphezu nje kokuthi ibe wuhlelo kubabukeli bayo, kodwa iyathandwa njengoba abantu bekuthakasela okusuke kuqhubeka kuyo ubusuku nemini, uma ikhonjiswa. Wuhlelo lolu okuma yonke into uma lubukelwa. Ngakho lokhu esikwenzayo siqhuba ukuthi lapho sashiya khona kunemibuzo, manje yisona sikhathi sokuyiphendula,” kusho uShirley.
Uthe abantu mabalindele okuningi kunalokhu abakulindele njengoba kuzovela izimfihlo eziyokwenza ukuthi lolu hlelo luqhubeke lube nomlando.
Kwenzeka lokhu nje, abakwaM-Net basanda kuveza injabulo yabo elokhu ikhonjiswe yintsha yakulelii ngesikhathi beveza ukuthi bathungatha abazongena endlini kaBig Brother ngonyaka ezayo ezobe ihambisana nesiqubulo esithi Vuk' ubangene.
Baveza ukuthi izicelo abazithola zaba ngaphezu kuka-30 000, nokuyinto esho lukhulu kubo.
Related Topics: