Ezokungcebeleka

USihle ubekukhulekela ukuwina kumaCrown

Nokubongwa Phenyane|Published

UMCULI ocula owokholo uSihle Khumalo ohlabane ngendondo ebalulekile yeBest Song of the Year emcimbini wamaCrown ngeSonto

Image: Facebook

UKUBHEKE ngabomvu ukuthi asebenze nabanye abaculi bowokholo uSihle Khumalo, waKwaLuvisi, eNquthu, okhale wamuka nezindondo ezimbili okukhona kuzo eyeBest Song of the Year neyeBest Itende Song ngeSonto.

Kulo mcimbi ubeqokwe ngengoma yakhe etholakala kwi-EP ephume ngo-Ephreli ethi Okudalelwe Mina.

Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi ufikelwe yinjabulo engachazeki ethola izindondo ezimbili nezinkulu selokhu angena kulo mkhakha.

"Angimusha emculweni wokholo njengoba iphelile manje iminyaka engu-10 ngiwucula. Ngiqale ukucula nomngani wami sisafunda nokuthe uma sesikhulile siya eThekwini siyoqhubeka nemfundo emazingeni aphakeme sabe sesiyahlukana. Mina ngathathwa yinkampani yokuqopha okuthiwa yi-Okuhle Communication, ngemuva kwalokho ngavula eyami ngaqhubeka ngaqopha kuyo," kusho uSihle.

Uthe ngaphansi kwenkampani yakhe ukhiphe izingoma ezahlukene ezenze kahle.

"Angazi nokuthi ngingabonga ngithini kubantu abangivotele ukuze ngithole eyodwa yalezi zindondo njengoba ibidinga bona. Ngizimisele ngokuqhubekela phambili ngenze kahle emculweni, kodwa engikubheke kakhulu wukuthi ngiqophe i-albhamu yami bukhona ngonyaka ozayo, okunye ngifuna ukusebenza nabaculi abahlukene kule ndima engikuyona," kuchaza yena.

Omunye umculi ohlabane ngendondo evotelwayo nguSindi Ntombela okhale wamuka nendondo yeBest Artist of the Year.

USindi naye ubonge abalandeli bakhe ngokuthi bavote nabantu akhonza nabo.

Abanye abaculi asebezakhele igama okukhona kubo uDumi Mkokstad, Sbu Noah nabo babonge ukukhala bamuke nezindondo abazithole kulo mcimbi.

USbu Noah bekungokokuqala ethola indondo kulo mcimbi.

Njengoba ukhuza ibuya lo mcimbi KwaZulu-Natal, ngemuva kweminyaka wahamba, abantu bebephume ngobuningi babo bezowuthamela, nokucacele noma ubani ukuthi bese bewulangazelela.

Imvula ebeliyidliva ayibavimbanga ukuthi beze kuwo, bazojabula nabaculi bowokholo abahlukene.