UDELI Malinga uzobungazwa kuma-9th Gagasi FM Shero Awards kule nyanga
Image: SIGCINIWE
UMLINGISI wodumo kuMkhokha The Curse neGenerations, uDeli Malinga, uzohlonishwa kuma-9th Gagasi FM Shero Awards ngo-Agasti 23.
Kulo mqhudelwano wezindondo kusuke kuklonyeliswa abantu besifazane abavelele bakulesi sifundazwe. Ezinkakheni esezike zahlonishwa ngomklomelo wePrestigious Lifetime Achievement Shero Award, okuzohlonishwa ngawo uDeli, ngumlingisi ongasekho uMary "Mampinga" Twala wodumo kwiMolo Fish nakwiSarafina - owahlonishwa ngo-2020, umxoxi wezinganekwane futhi oyimbongi uDkt Gcina Mhlophe ngo-2021, umlingisi wodumo kwiMbewu neS'gudi S'naysi uThembi Mtshali ngo-2022, umlingisi osengumdidiyeli omkhulu wemidlalo yethelevishini namafilimu uLeleti Khumalo ozakhele udumo kwiSarafina nakwiYesterday ngo-2023 nomlingisi owagqama kuKwakhala Nyonini neSibaya, uThembi Nyandeni.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe imithombo yezindaba, uDeli uzothulelwa isigqoko ngenxa yamagalelo akhe emkhakheni wezobuciko nasekubambeni insimbi ishisa kule ndima yokulingisa. AbeGagasi bathe ngalo mqhudelwano abenzeli udumo nokubukwa kodwa bahlose ukukhuthaza abesifazane abenza imisebenzi emihle emiphakathini.
Kunxuswa abalaleli balesi siteshi ukuba baqoke abesifazane abazodlana imilala kule minxa: Ctreative Arts, Entertainment and Music, Sports, Science and Technology, Big Business Professional, Enterprise, Social Entrepreneurship, Education, Punlic Service, KZN Ambassador, Community Leader neShero Honouree.
Umphathi omkhulu weGagasi FM, uMinenhle Dlamini, uthe lena yinkundla yokuchoma uphaphe lwegwalagwala amaqhawekazi namavulandlela angamaqhawe angenazibongo.
"Sithi kubo siyanibona. Siyanihlonipha. NingamaSheros. Siyagqugquzela ukuba baqhubeke nokwenza umehluko esifundazweni sethu," kuphetha uMinenhle.
Ukuqoka iqhawe lakho, uvakashela i-website yeGagasi FM bese ugcwalisa ifomu yokuqoka omthandayo ngaphansi kwesigaba Shero Awards 2025. Kudingeka uchaze ukuthi kungani loyo muntu wesifazane omkhethayo efanele wukuklonyeliswa ngalolu suku. Ukuthumela amagama abaqokiwe kuyavalwa ngo-Agasti 15 kulo nyaka.
Mary Twala
Image: SIGCINIWE
Thembi Nyandeni
Image: SIGCINIWE
Thembi Mtshali noLeleti Khumalo
Image: SIGCINIWE
DKT GCINA MHLOPHE
Image: SIGCINIWE