UKWANDA kwenkinga yesikhumba ekhanda nokuqothuka kwabesifazane ngendlela exakile kwamenza wacwaninga ngezinkinga eziholela kulokhu osenemikhiqizo yekhanda.
UNksz Nobuhle Nzama waseManzimtoti kodwa odabuka eMlaza, ungumnikazi wemikhiqizo eyaziwa ngeNjibs Hlumisa African Hair ebhekele izinwele zabamnyama. Ngesikhathi ecwaninga ngezinkinga zesikhumba wathola ukuthi imikhiqizo eminingi esetshenziswa ezindaweni zokuzicwala ayizilungele izinwele zabamnyama.
"Iningi labantu kalibuzi ngemikhiqizo esetshenziswa emakhanda ema-salon nokuyingozi ngoba imikhiqizo yezinwele egcwele ezitolo inezithako ezahlukene nezakhelwe izinhlanga ezithile.
“Ngacwaninga ngatshala amakhambi emvelo engiwathaka ngokwesikhumba nohlobo lwezinwele zabamnyama. Nohlobo lwamafutha engiwafakayo ngiyazixovela ngihlanganisa namakhambi emvelo," kusho uNksz Nzama.
Le mikhiqizo abaningi abayibabazayo ezinkundleni zokuxhumana, uveze ukuthi ilungele umndeni wonke ekhaya. Lokhu uNksz Nzama uthe kwenza kube lula nakobaba abaningi bakukhuthalele ukunakekela isikhumba sekhanda.
Ngaphandle kwaleli bhizinisi, uNksz Nzama ngo-2003 uke waba ngumnikazi weNobuhle Funeral Parlour eyayise Clairwood nakuMoore Road eThekwini.
Phambilini uke waba nesitolo sezinwele eGalleria wangagcina lapho waphinde waba nendawo yokuzicwala eWinkelspruit.
Yize amabhizinisi emchuma manje kodwa uveze ukuthi kwakungelula ngeminyaka yabo 1990, waze waphoqeleka ukushiya ePrince Mshiyeni, lapho eyeqeqeshelwa khona ukuba ngumhlengikazi, wakhetha ukuyofesa.
"Nginezingane eziyisithupha manje, ngaleso sikhathi zazizine nesimo sasekhaya singesihle. Ngahamba ekolishi ngiwumuntu ogulayo oyolungisa okuthile kanti ngiyofesa enkampanini yomshwalense. Ngenhlanhla kwalunga ngathenga umuzi ngashintsha nesimo sasekhaya," kusho uNksz Nzama.
Ephetha uthe isifiso sakhe esikhulu ukusabalalisa imikhiqizo yakhe ize ifinyelele nakwamanye amazwe njengoba beyifuna.
Okwamanje uthe usagxile kuleli ngenhloso yokuwukhulisa lo mkhiqizo. Kule nyanga uzoba nesitolo eDavenport eThekwini kanti uyabaposela nabakwezinye izifundazwe.
UNksz Nzama uyabasiza nabafuna ukuqala ibhizinisi ngokudayisa le mkhiqizo ngenhloso yokwandisa amathuba omsebenzi kubantu. Uyale abafisa ukungena emkhakheni wezokuzicwala ngokuthi bangenzeli imali kuphela kodwa baqinisekise ukuthi baqhamuka namasu okusiza abantu ngezinkinga abafika nazo.