SEKUYINTO ejwayelekile ukuzwa ukuthi intombazane eyintombi nto, ebihlolwa ngakubo futhi ihamba uMkhosi woMhlanga, ikhulelwe. Lokhu kuvamise ukushiya abantu benemibuzo futhi beshaya amakhala ngendlela okuhlolwa ngayo izintombi. Kodwa isazi samasiko nokuhlolwa kwezintombi, uDkt Nomagugu Ngobese, siveze ukuthi ukusoma yikhona okushiya izintombi zikhulelwe. UDkt Ngobese uthe ukusoma wumkhuba wakudala owawenziwa ngabesilisa abalangazelele ucansi kodwa ngenxa yokuqina kwemithetho yesintu, yayingamvumeli alale nowesifazane engakamshadi.
Uma echaza kabanzi ngokusoma, uthi insizwa iye ikhuhle ubuntu bayo emathangeni entombi kodwa ingangeni esibayeni.
Lo mkhuba uDkt Ngobese uthe sebawuvala, ayikho intombi kaNomkhubulwane ehlolwa khona ewenzayo. Lokhu uthe bakwenza ukuqinisekisa ukuthi bavikela izintombi nto eziyengwa ngabesilisa abanezinhloso ezingalungile ngazo. "Izintombi eziningi bezidlala abesilisa abaphethwe yinkanuko, besoma nazo bezishiya nezifo nezisu. Ngawuvala lo mkhuba ngoba ngesikhathi umuntu elala nentombi emathangeni noma angangafaka phakathi kodwa uketshezi oluphumayo luyanyenya lungene enkomeni bese lushiya izifo. Uthole ukuthi umuntu uyintombi nto kodwa unesifo esithelelana ngokocansi. Angiyifuni noma ngiyibone indaba yokusoma, kudlalwa ngezingane zabantu," kusho uDkt Ngobese.
Eqhuba uDkt Ngobese, uthe kunezinto okumele zibe wumthetho oqinile uma kusetshenziswa isiko lokuhlolwa kwezintombi, kungabi nezinto ezizovuna abesilisa ukuthi bazenzele ezintombini. Ukholelwa ekutheni intombi inelungelo lokuzikhethela uma isifike esigabeni sokukhula ngokwenele noma ngabe ayikakashadi ngoba akuwona wonke umuntu wesifazane ogcina eshadile.
Khonamanjalo uDkt Ngobese ukhulume ngokubaluleka kokuvunyelwa kwezintombi nto ukuqoma. Uveze ukuthi akusho ukuthi ngoba intombi isahlolwa ngeke yaqoma. Lokhu uthe kuyenzeka futhi bayazivumela izintombi nto ukuthi zibe namasoka kodwa kulandelwa isiko lokuqoma. Lokhu uthe kwenzelwa ukuthi imindeni nezintombi zendawo ezihlolwa nentombi zilazi isoka likazakwabo.
"Kunomehluko phakathi kokujola nokuqoma ngoba kwaNomkhubulwane izintombi azijoli, ziyaqoma. Uma intombi seyithanda, kumele laziwe isoka layo, kungenzeki iphutha lokuthi izintombi zithande umuntu oyedwa. KwaNomkhubulwane umuntu uhlolwa noma esenalo isoka lize lilobole kubo ligcine yonke imithetho yokuthatha unkosikazi. Ngelanga lomshado intombi iyahlolwa nabasemzini bazi ukuthi bathatha umakoti wabo osazigcinile," kusho uDkt Ngobese.
Ephetha uDkt Ngobese, uthe enye into abangayikhuthazi kuNomkhubulwane ukuthi izintombi zibe namalawu emakhaya ngoba kuthiwa sezikhule ngokwanele. Lokhu uthe akubi nomthelela omuhle ngoba kugcina kwenza kube lula ukuthi intombi ilutheke kalula, ilahlekelwe ubuntombi bayo ngendlela engafanele.