KUYINTO ejwayelekile ukubona owesilisa edla intaba yokudla okusepuletini noma endishini, abanye baze basho ukuthi abesilisa kumele badle kakhulu ngenxa yokuthi imizimba yabo yakhiwe ngokwehlukile kunabesifazane. Kodwa abezempilo bathi lokhu kwesinye isikhathi kungaba inkomba yokuthi owesilisa unesifo esihambisana nokuphazamiseka kwenqondo.
UNkk Marlene van den Berg, oyimenenja ophikweni olubhekele ukuzinakekela, iNetcare Akeso Montrose Manor, uthe ngokujwayelekile izinkinga ezithinta ukudla ngokweqile noma ukudla kancane kunokufanele, emadodeni yinto engabhekwa okuholela ekutheni uma kubhekwa izinto ezithinta ukudla kucatshangwe ukuthi wona awathinteki kuzona.
Uthe maningi amadoda abhekene nenkinga yezifo ezithinta ukuphazamiseka kwengqondo angalutholi usizo ngoba izinto ezithinta wona aziphumeli emphakathini, nawo awajwayele ukuya ezikhungweni zezempilo lapho kuye kuhlonzwe khona izifo.
“ENingizimu Afrika, kunenqwaba yamadoda anokuphazamiseka okuthinta indlela adla ngayo. Ngokuvamile abesilisa abadala kuyenzeka baphenduke izidlakudla, abanye bazinikele ekubeni yizigqila zocansi abanye basebenzise izidakamizawa. Ngokuvamile azibhekwa izizathu zokuthi kungani abantu beshintsha indlela yokuziphatha ikakhulukazi uma ithinta ukudla," kusho uNkk Van den Berg.
Uqhube wathi asikho isixazululo esisheshayo sokwelapha izinkinga ezithinta ukuba isidlakudla ngoba lezi zinkinga zisuke ziwumsuka wenkinga enkulu ethinta ukuphazamiseka kwengqondo okudinga ukuthi umuntu ahlolwe, kucutshungulwe ubudlelwane bakhe nokudla. Kube nohlelo oluqondene naye okumele alulandele ukuze asizakale kodwa akuyona into esheshe ixazululeke," kusho uNkk Van den Berg.
Unxuse noma ngubani okungenzeka ukuthi usephenduke isidlakudla noma osola ukuthi osondelene naye ishintshile indlela akuthanda ngayo ukudla ukuthi bangazishayi indiva izimpawu abanazo, basukume ngokushesha bafune usizo.
UNkk Peta-Lyn Foot uveze enye inkinga evame ukunganakwa ngokudla ngokweqile kunokuvamile, ukuthi umuntu azizwe engalawuleki kube sengathi angalokhu edla, bese ezizwa eba namahloni emva kokudla noma kube sengathi wonile.
“Lokhu kuziphatha kuba nomthelela engqondweni kodwa abaningi bayangabaza ukufuna usizo ngenxa yokwesaba ukwahlulelwa ngokudla ngokweqile noma ukungakwazi ukuzithiba,” kusho uNkk Lyn Foot.
Uthe omunye umkhuba ongenisile owabantu abadla ukudla okuthile abacabanga ukuthi kukahle owaziwa nge-orthorexia, okuholela ekutheni umuntu angabi nawo wonke umsoco odingwa umzimba.
“Lo mkhuba uqala ngesikhathi umuntu enza igilosa athenge izinhlobo ezithile zokudla anenkolelo yokuthi zikahle noma zimfanele. Uma esepheka, upheka kona lokho kudla akholwa ukuthi kukahle akabi nandaba nokuthi umzimba womuntu udinga muphi umsoco,” kusho uNkk Lyn Foot.
Okunye okubaluliwe ukuthi amadoda kuyenzeka azitshele ukuthi wona kumele adle ukudla okunenyama kuphela angabe esabheka ukuthi nezinye izinhlobo zokudla ezifana neklabishi imifino, ubhontshisi nokunye ziyadingeka emzimbeni ngoba zinomsoco odingwa umzimba.