UFUNA ukuvula inkampani yakhe ezodala amathuba omsebenzi umfundi waseVelabahleke High School, eMlaza owenza lonke uhlobo lobuhlalu.
USphelele Shabalala (18) ofunda uGrade 11 eVelabahleke, usezakhele udumo ngobuhlalu abenzayo.
Utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi wazifundisa ukwenza ubuhlalu esafunda uGrade 4 ebukela umamkhulu wakhe okuwuyena owayebenza.
“Ngacela kumamkhulu ukuhlala eduze kwakhe bese ngenza obami ubuhlalu. Wangivumela ngase ngiqala lapho ukuzenzela. Ngaqala ngenza imigexo kwathi ngokuhamba kwesikhathi nesandla sesijwayela ngaqala ngenza ezinye izinhlobo zobuhlalu. Alukho uhlobo lobuhlalu engingalwenzi manje, kusukela kwimigexo, amabhangela, olugqokwa ezinyaweni nolugqokwa emzimbeni. Ngiyabenza bonke ubuhlalu,” kusho uSphelele.
Esikoleni wenza lezi zifundo ezilandelayo: Consumer Studies, Business Economics, History, Life Orientation, English nesiZulu.
“Izifundo zami zizongisiza ukuthi ngiziqalele ibhizinisi lami. Ngithanda ukuba wusomabhizinisi ozovulela abanye abantu amathuba omsebenzi. Njengoba ngikwazi ukusebenza ngezandla zami, ngifisa ukuqhubeka nokuzisebenza noma sengiqede isikole,” kusho uSphelele.
Uzwakalise ukukhathazeka ngezinga eliphezulu labantu abangasebenzi eNingizimu Afrika, esho nokuthi abantu abasha kufanele bazame ukuziphilisa ngamakhono abo.
Uthe uyakuthanda ukwenza ubuhlalu ngoba bumgcina ematasa uma engekho esikoleni.
“Ubuhlalu buyangisiza ukuthi ngingabi wuvanzi ngoba nginento engiyenzayo ngempelasonto noma ngingekho esikoleni. Bungenza ngihlale ngiqaqekile engqondweni, ngiyakhohlwa yizinkinga uma sengenza ubuhlalu,” kuchaza uSphelele.
Okumjabulisayo ngokwenza ubuhlalu uthe wukulekelela unina uma kukhona okushodayo ekhaya.
Uveze ukuthi bayisishiyagalombili kwabo futhi sebesele nonina okunguye osebenza kanzima ukubanakekela njengoba uyise sewashona.
Ugqugquzele abanye abafundi ukuthi basheshe bazazi ukuthi bafunani nokuthi banamaphi amathalente neziphiwo ukuze basheshe babone ukuthi kuzophileka yini ngawo.