UKUKHULA komuntu kuza nezinguquko ezahlukene emzimbeni, kubalwa nokushintsha kwesikhumba sezandla njengoba ucwaningo lwabezempilo luveza ukuthi izandla ziyingxenye yezitho zomzimba ezisheshayo ukuzwela.
Umqondisi jikelele we-Advanced Center for Plastic Surgery yaseRepublic of Ireland, uDkt Beverly Fischer, unikezele ngamathiphu namasu okuyisikhombisa ngokuthi lokhu kudalwa yini, nokuthi yini umuntu angayenza ukukugwema kalula.
– UKushwabana kwesikhumba ezandleni: Kungenzeka ukuthi uyazibuza uyaziphendula ukuthi ungakuqeda kanjani ukushwabana kwezandla? Ukushwabana kwesikhumba ezandleni yinto ongeke ukwazi ukugwema ukuthi yenzeke uma ukhula, ngenxa yokuthi ukukhula kwenza ukuthi izandla zilahlekelwe ngamafutha, okukubeka engcupheni yokusheshe ushwabane ezandleni. Nokho ikhona imikhiqizo ongayisebenzisa ukwenza ukuthi lesi simo singakuphuthumi.
– Amabala amnyama abizwa ngama-Age & Sun Spots: Yinto eyaziwayo ukuthi ukushisa kwelanga ngokweqile kungaba yingozi esikhunjeni. Nakuba ukugcoba i-sunscreen ebusweni nasemzimbeni kusiza ukuvikela isikhumba sakho, kepha ukukhohlwa wukwenza okufanayo ezandleni, kungabeka izandla zakho engcupheni yokuba namabala. Yingakho kusemqoka ukuqikelela ukuthi izandla zakho uzinaka ngendlela efanayo nonaka ngayo umzimba.
– Isikhumba esomile: Izandla zivamile ukoma. Uma ukoma kwezandla zakho sekuhlangene nokuthi isikhumba sakho sesisidala ngenxa yokuhamba kweminyaka, kungaholela ekutheni kuvuleke izilonda ezandleni futhi kwenze ube notwayi. Yingakho kusemqoka ukugcoba izandla zakho njalo emva kokugeza. Okunye futhi okusizayo wukuthi ube nebhodlela lakho lomkhiqizo wokugcoba eduze nawe uma usulala, ukuze uwusebenzise uma uzwa izandla zakho sezomile.
–Ukuthamba kwesikhumba ezandleni: Isikhumba esixegayo ngezinye zezimpawu zokuguga kwezandla. Ukuguquka kwesimo sezulu, ukushisa, izibazi nezilonda oba nakho ukhula, kunomthelela ekutheni isikhumba sakho sishesha kangakanani ukuzwela.
–Ama-Veins: Ukukhula kunciphisa ugqinsi esikhumbeni ikakhulu ezandleni. Lokho kwenza ukuthi imithambo yakho yegazi ihlale obala. Nakuba ukugcoba umzimba wakho ngendlela efanele kusiza ukugwema lokho, kodwa akuhlale kusiza njalo ukugwema ukuthi imithambo ivele obala ezandleni. Ukuzama ukugwema lokho, odokotela basebenzisa imikhiqizo ethile ukunqamula ukugijima kwale mithambo ezandleni zakho, ukuvumela ukuthi imithambo engaphansi kwaleyo enqanyulwayo, kube iyona eqhubekayo.
– Izinzipho ezikhumuzelayo neziphukayo: Imikhiqizo esiyisebenzisayo okukhona kuyo eyokuhlanza endlini nasemathoyilethi, ukuguquka kwesimo sezulu nemikhiqizo ehlukene yensipho esiyisisebenzisayo, kufaka ingcindezi enkulu ezinzisheni. Ukuze zihlale zinempilo, kudingeka ukuthi ube nomkhiqizo wokuzithambisa isikhathi esiningi, bese usebenzisa amagilavu uma usebenzisa amakhemikhali okungenzeka abe yingozi kuzona.
– Isikhumba esiba bomvu sixebuke ezandleni: Ukukhula kungenza ukuthi isikhumba sakho sishintshe umbala, sibe bomvu futhi siqale nokuxebuka. Kumele uxhumane nodokotela wakho ngalokho ikakhulu uma kunemikhiqizo yezempilo oyisebenzisayo, okungenzeka iholele kule nkinga.