SILOKHU sizakhele udumo isangoma esithandwa abaningi ezinkundleni zokuxhumana ngokukhuluma amaqiniso aphathelene nobungoma. UTumi Gogo Skhotheni Dlamini Shange muva nje udalule imfihlo ephathelene nokubethela okwenziwa izangoma emzini yabantu.
Ugogo Skhotheni uqophe ivideo ezinsukwini ezedlule wayifaka ekhasini lakhe lakuFacebook elinabalandeli abawu-196, 171, lapho edalula ukuthi ukubethela kuyinto ejwayelekile futhi efanelwe ukwenziwa emzini yabantu kodwa imithi embiwa izangoma emagcekeni yabantu akulona iqiniso. Udalule ukuthi lokhu kuwumkhuba owenziwa ezinye zezangoma ezifika nayo lemithi bese ziyimbela ngandlela thile abantu bakulowo mndeni bengaboni. Naye uqobo uthe uyazi kwenziwa njani lokhu futhi akakhathalele kuthenjwa ngalokhu akudalulayo.
"Umuntu uma ezophuma nomuthi esitsheni ethi uwugubhe phansi kini nimubuka, uyazi bawufaka kanjani, ngiyazi nami ngike ngakhona kwenziwa futhi ngiyazisola. Kodwa manje angisazisoli ngoba ngathola isifundo sokuthi amanga. Ngibulaleni uma nithanda anginandaba," kusho uGogo Skhotheni kule video.
"Lalelani umuntu uyafakwa egcekeni kodwa njengesichelo, isangoma sizofika sichele umuzi ngoba uyaqiniswa. Kodwa le yokuthi uzokhipha umuthi egcekeni amanga," kusho ugogo Skhotheni. Eqhuba uthe abantu abake bacabangisise ukuthi ngabe umuthi obufakwe nini ngoba basuke bekhona. Yize abantu beludinga usizo kubalaphi bendabuko kodwa uthe abavule amehlo bangabi izisulu zezangoma.
Akakhohlwanga ukukhuluma nangezilwane abantu abahlala besatshiswa ngazo kuthiwa kumele zilashwe noma zisuswe kubantu. Konke lokhu uthe kunezindlela ezahlukene zokuphambanisela abantu iqiniso ngoba izangoma zifuna ukwenza imali. Abantu bamshayele ihlombe ngokuqunga isibindi abavule amehlo. Le video seyibukwe abantu abangaphezulu kuka-19 000, kwaphawula abangaphezulu kuka-6 100. Baningi abafisa abenohlelo lwakhe kwithelevishini namathwasa akhe.