UKUTHUNGA nokudayisa amaphinifa ezitaladini bekwaziwa njengento eyenziwa ngomama asebekhulile ngokweminyaka, hhayi abantu abasha kodwa owesifazane waseStanger, usengene shi ekuthungeni amaphinifa futhi uthi akaziboni enza omunye umsebenzi.
UNksz Ntombikhona Khumeni (28), wenkampani iKhona K Designs, uthe akakaze abe nothando lokuthunga esemncane futhi akazikhumbuli esebenzisa inaliti yesandla ethi uyathunga. Uthi ukuswela umsebenzi engabizwa ngisho kwinhlolokhono, yikho okumenze wabona kungcono athunge ukuze athole imali.
Uthi ubethanda ukuthungisa kodwa umuntu obemthungela ugcine esemphoxa emthungela ngendlela angayithandi wase ethatha isinqumo sokuthi naye ake azame ukuzithungela.
"Ngezwa ngicikeka ngase ngithatha isinqumo sokuthi ngiyofunda ukusebenzisa umshini wokuthunga. Ngaleso sikhathi kwakungekho ukuthi ngikwenzela ukuthi ngivule ibhizinisi, bengifuna ukuzithungela mina ngoba ngicikwe wumuntu ongithungelayo. Ngafunda i-basic eyenziwa ihora elilodwa ngoMgqibelo; uma ngingawabala amahora engawafunda awu-12. Ngaqala ngazithungela okuphethe ngokuthi ngithunge izingubo zabantu abanemizimba ethe xaxa, ngizidayise, " ubeka kanje.
Uthi ubebuye adayise izikhwama neminye imikhiqizo enethemba lokuthi uzothola umsebenzi ngoba uneziqu zeFinancial Management azithole ngo-2017.
"Angikaze ngibizwe nakweyodwa inhlolokhono. Angazi noma izicelo zami zomsebenzi bezifika yini lapho ebengizifake khona. Bese ngishintshe ne-CV yami ngayenza ngendlela abanye ababizwayo abayenza ngayo, kodwa lutho.
“Ekhaya udadewethu omncane ubebizwa ezindaweni ezehlukene eyokwenza inhlolokhono. Le nto ibingiphatha kabi, ngapha umama elokhu engimele, ethi angimthungele amaphinifa noma ngimlungisele awakhe awathengile asuke engathungekile kahle.
“Bengicikeka ngize ngimbuze ukuthi yini acabange ukuthi ngifanele ukuthunga amaphinifa into ethungwa ngabantu abadala? Ngangikhalaza ngithi, ’Futhi mina angiligqoki nalelo phinifa!’ Waze wangiduba, ngabona ukuthi kungcono ngimenzele noma ngingathandi, kanti sengizivulela ibhizinisi ngoba bebewancoma amaphinifa akhe," kusho yena.
Nyakenye uthi uqale ukuthunga amaphinifa ethi uyazama nje ukuze unina ajabule.
"Angazi noma benginethalente engingalazi noma ngithunge ngazimisela ngoba ngifuna ukuzikhombisa ukuthi ikhona into engikwazi ukuyenza. Impela bese ngikhathele abantu bengibuza ukuthi ngiyazifaka yini izicelo zomsebenzi ezinkampanini?“
“Besengibona ukuthi ngibonakala ngiwumuntu oyivila, ongazihluphi ngokufaka izicelo zomsebenzi. Kwenzeke isimanga ngesikhathi ngikhangisa umsebenzi wami ezinkundleni zokuxhumana. Izingcingo bezingena ubuthaphuthaphu, kukhona nabantu bakwezinye izifundazwe engibaposelayo. Manje sengihamba ngemoto engiyithenge ngemali yamaphinifa, ngidayisela amakhasimende akuzo zonke izifundazwe," kusho uNksz Khumeni.
Uthi ngesikhathi ezimaketha ubedayisa ezitaladini engenandaba nokuthi uyahlekwa.
"Sengize ngaba namaphinifa angafani namanye engiwenzayo. Ngeke ngiqambe amanga ngithi ama-design awo kukhona la engiwasusela khona ngoba angikwazi nokudweba njengabasiki bengqephu. Ngiyasika nje bese ngithunge lokho engisuke ngikucabanga. Senginabantu engibaqashile ukuze bangilekele futhi ngiyabona kusadingeka abanye," kusho yena.