UQOQA imali esiza amantombazane ngamaqakelo nezimonyo uDkt Sihle Sibiya (46) oqwala izintaba.
Le ntokazi yaseMlaza, eThekwini kodwa ezinze eGoli njengoba iwungoti wezifo zezingane esibhedlela esizimele, ithi yaqala ukuqwala izintaba ngoba ifuna ukuhlala iwumqemane.
“Bengiyintokazi enomzimba nokuthe uma amadodana ami esekhulile ngaqala ngafuna ukuzinakekela. Ngiye ngazivocavoca nginenhloso yokuthi ngelinye ilanga ngifisa ukuqwala intaba ephakeme e-Afrika, iMount Kilimanjaro. Ngiwumuntu okuthandayo nokubuyisela emphakathini ngakho kubalulekile kimina ukuthi engikwenzayo kuhambisane nokuthuthukisa abantu.”
Uthe kumthathe iminyaka eyisishiyagalombili ukuthi ayiqwale okokuqala iMount Kilimanjaro, ubeyiqwala ngoJulayi.
“Ngesikhathi ngizivocavoca ngaqala ngabheka inhlangano engangisiza ukubuyisela emphakathini uma sengiqwala izintaba. Ngathola iTrek4Mandela eqoqa amaqakelo asiza amantombazane aswele uma esesikhathini. Okuhle ngokuba sohlelweni lwe-Trek4Mandela wukuthi bayakuqeqesha ukuze ulungele ukuqwala iKilimanjaro. Banohlelo lwezinyanga eziyisishiyagalombili oqeqeshwa kulo ukuze ukwazi ukumelana nesimo uma usuphezulu entabeni.”
Uthe abaqwala intaba banikwa i-akhawunti okufakwa kuyo imali esuke iqoqelwa ukuthenga amaqakelo bese umuntu asabalalise leyo akhawunti ezinkundleni zokuxhumana nalapho ehamba khona ukuze kungene imali esikhwameni.
Uveze ukuthi azikho izintaba angathandi ukuziqwala, kusukela kwezasoKhahlamba nezinye zaseNingizimu Afrika.
Ubuye agijime imijaho edumile okubalwa i-Two Oceans neminye.
Uthe akukho nzima ukuqwala intaba uma uzilolonge kahle kodwa izingqinamba kuye kube wukuthi uma unyuka umoya uyancipha, kwabanye kuye kube nzima ukuphefumula.
“Uma uzoqwala iKili (Kilimanjaro) awuzilolongi nje emzimbeni kuphela kodwa nasengqondweni. Besihambe nabesifazane abahola impesheni kodwa bayiqwala baze bayofika phezulu. Ngibone ukuthi ukuqwala iKili akudingi uzilolonge kahle emzimbeni kuphela kodwa kudingeka uqine nasengqondweni. Kwesinye isikhathi umzimba womuntu ozilolonga njalo awukwazi ukumelana nokuqwala intaba.”
UDkt Sibiya wafunda e-Our Lady of Natal, wadlulela eWestville Girls, wayoqeqeshelwa ubudokotela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, wadlulela eNyuvesi yaseWitwatersrand lapho ebesegxile khona ezifundweni zokwelapha izingane.
Ugqugquzele amantombazane ukuba afunde izifundo zesayensi ne-maths ukuze ezokwazi ukungena emikhakheni ehlukene.
Uthe abesifazane kufanele bazivocavoce noma ngabe amaminithi awu-10, banyuke izitebhisi esikhundleni sokuhamba ngekheshi emsebenzini.
Wenze isibonelo sokuthi yena uzivocavoca ekuseni abuye ahambe ngesikhathi sakhe sekhefu, azungeze isibhedlela ukuze kunyakaze igazi.
Uthe uwumama ojwayelekile ekhaya, unamadodana akhe, eyodwa ineminyaka ewu-19 enye ineminyaka ewu-21.