AMAVA eminyaka engaphezulu kwewu-17 esebenza embonini yezokwakha nasezinkampanini ezahlukene, ngezinye zezinto ezenza uNksz Nolubabalo Tsolo, akholwe wukuthi ziningi izinguquko ezinhle azoza nazo emsebenzini wakhe omusha.
UNksz Tsolo usanda kuqokwa esikhundleni sokuba ngumqondisi omkhulu wohlaka olubhekele abemboni yezokwakha ezweni, i-Association of South African Quantity Surveyors (ASAQS). Lokhu kwenzeke ngemva kokushiya kukaMnuz Karl Trusler, othathe umhlalaphansi ngoSepthemba 2022, eseneminyaka eyisikhombisa ephethe.
“Ngihlela ukuqinisa isisekelo esishiwe sakhiwe engingena ezicathulweni zabo futhi ngifuna nokuqinisekisa ukuthi konke okuhle abakwenzile akushabalali kepha kuqhubeke kanjalo kubhekwe phambili. Inhloso yami enkulu wukwenza ukuthi i-ASAQS izenze ibe yiphimbo elinamandla labezemboni yokwakha futhi ize noguquku olubonakalayo oluzoba wusizo,” usho kanje uNksz Tsolo.
Ukuqokwa kukaNksz Tsolo kubukeka kuzothela izithelo impela ngoba usesebenze ezinkampanini nasezinhlakeneni ezinkulu nezihlonishwayo futhi ezehlukene, kanti kumanje wenza i-MBA eWits University, ukuthuthukisa ulwazi lokuphatha amabhizinisi.
UMengameli we-ASAQS uNksz Mosha Senyolo, uthe abangabazi ukuthi amava kaNksz Tsolo azoba wusizo olukhulu nokuthi, bamqoke ngoba bemethemba futhi bekholelwa kuyena.
“Simkhethe ngoba izicucu zakhe zemfundo zimvumela ukuthi asebenze nathi. Ulwazi namava anakho, kubalwa nombono asivezele wona ngaphokophelele ukukwenza ohlakeni lwethu, kwenze sabona ukuthi akekho omunye ofanelwe yilo msebenzi ngaphandle kwakhe. Sesikubheke ngamehlo abomvu ukuqala sisebenze naye kubhekwe phambili,” kusho uNksz Senyolo.
UNksz Tsolo uthe uyayiqonda ngokuphelele inselelo azobhekana nayo yokuqhuba umsebenzi, wathi konke okuzokwenziwa manje uzimisele ukukwenza ngokubambisana nozakwabo kwi-ASAQS.
Ezinye izinhlaka ezehlukene emkhakheni wezokwakha zikushayele ihlombe ukubekwa kowesifazane esicongweni, zathi lokhu kugqugquzela nentsha ukuba kungabi bikho imikhakha eyishalazelayo.