UKUBA nohlelo lwethelevishini lapho ayekhuluma khona nosomabhizinisi abancane ukuze bazidayise emphakathini futhi bachaze ngomsuka wabo, yikhona okukhuthaze uLungile Mbili, waseNewcastle, eMadadeni ukuthi asungule umcimbi wezindondo.
ULungile wethule abaqokwe emcimbini wezindondo walo nyaka iThe Next Billionaire Awards, inhloso yawo ukukhuthaza osomabhizinisi abancane.
Ekhuluma neSolezwe uthe ukuba umethuli wezinhlelo esiteshini i1KZN, kumenze wahambela imicimbi eminingi nalapho ebone khona ukuthi osomabhizinisi abasafufusa abalitholi ithuba lokuzigqamisa.
“Kula ngikhethe khona ukuba nohlelo lokuthi ngihlale nabo phansi, ngibabuze ngomsuka wamabhizinisi abo nokuthi bafisa abe kuphi futhi benzani kuwo. Ekuhambeni kwesikhathi ngithole osomabhizinisi abaningi abebefisa ukuza, ngase ngikhetha ukuthi ngivule inkampani Umlando Creatives, kwaba ukuzaleka kwalo mcimbi ozoba ngowesihlanu lo nyaka siba nawo. Ngabe sengishiya ke ekubeni umsebenzi walesi siteshi kodwa ngaqhubeka nokuqopha uhlelo ngoba lwalenza kahle,” kusho uLungile.
Uthe ngalezi zindondo uqale ehlonipha osomabhizinisi basePort Shepstone kuphela kuMasipala iRay Nkonyeni, kodwa kulo nyaka kuqokwe osomabhizinisi abaqhamuka kusona sonke isifundazwe.
“Kungijabulise kakhulu ukuthi ngivule ithuba lokuthi kuqokwe nabanye osomabhizinisi abaqhamuka kwezinye izindawo esifundazweni iKwaZulu-Natal. Ngiyafisa ukuthi eminyakeni ezayo kuqhubeke kuqokwe nabaqhamuka ezifundazweni ezahlukene,” kuchaza yena.
Uthe abakhethi ukuthi umuntu wenza liphi ibhizinisi babheka umsebenzi wakhe bese eyaqokwa kuye ngokuthi uvotelwe kangakanani.
Umcimbi walo nyaka uthe uzoba senkundleni yezemidlalo Ugu Sports and Leisure eGamalakhe ngoDisemba 4.
Eminxeni eqokiwe kubalwa:
iBusiness in Agriculture category:
Sips Farms
Zilungisele Jozana
Gumbane Organic Farm
Business in Fine Arts:
Nova Sky,
Capunakusale Experience
Míss HighSchools South Africa