ISITSHUDENI saseDurban University of Technology (DUT), uNksz Mthabiseni Majola, sibhincisele nxanye izitshudeni eziwu-27 zasemanyuvesi amahlanu akuleli, sikhala semuka nendondo ye-Gold Research, emncintiswaneni wokucwaninga ngezindlela abantu abangazisebenzisa ukugwema ukungcolisa imvelo nezindawo abahlala kuzona, ngokwehlukana kwezindawo.
Kulo mncintiswano obizwa nge-Metal Packaging Association of South Africa (MetPac-SA), uNksz Majola (21) waseNewcastle, enyakatho yaKwaZulu-Natal, unqobe noNksz Seth Geysman we-University of The Westeern Cape endaweni yesibili, kwathi indawo yesithathu kuya kweyesihlanu kwaba wuLibonge Blandile weStellenbosch University, Denae Naicker we-University of KwaZulu-Natal noBelinda Manda we-University of Johannesburg.
UNksz Majola, owenza i-Advanced Diploma in Business Law e-DUT, uthe ukuhlabana ngalo mklomelo kufakazela ukuthi uma usebenza kanzima nangokuzikhandla uyawuthola umvuzo.
“Nokuthi lo mklomelo uhamba emkhondweni weDUT wokufuna ukuhlale ikhiqiza izitshudeni zezinga eliphezulu futhi ezifezekisa umbono wayo we-Envision2030 wokuthi kushaye u-2030 isibalwa namanyuvesi ahlonishwa emhlabeni jikelele ngemfundo yezinga eliphezulu,” kusho uNksz Majola.
Eqhuba, uthe abe-MetPacSA bamazise ukuthi okwenze wanqoba wukuthi ucwaningo lwakhe belwehluke kakhulu kolwabanye ngoba belubhekana ngqo nenkinga yokungcola okusemphakathini.
“Indlela engikwaze ukuqoqa ngayo ulwazi oluningi olubalulekile, futhi ngize nezisombululo ezingasetshenziswa ukulwa nale nkinga emiphakathini kwenze ngehluka kwabanye,” usho kanje.
UDkt Ravi Nadar, wophiko lwezokucwaninga eMetPacSA, uthe inhloso yabo ngalolu hlelo wukuthi bafundise abantu ngokuthi kubalulekile futhi kusiza kangakanani ukuqoqa udoti endaweni, kwenziwe kabusha ngalowo osuke usengalungiseka, futhi kube kufundiswa izitshudeni ulwazi namacebo okufundisa ngalokho.
UDkt Nomcebo Mthombeni, ibamba lomqondisi wophiko lwezokucwaninga e-DUT, ubonge iMetPacSA ngokuqhamuka nohlelo olunjena, wathi luzosiza kakhulu izitshudeni ngokuzivula umqondo ngezinto ezibalulekile eziyizinkinga emphakathini futhi lwenze zikwazi ukuqhamuka namasu nezixazululo zakho.