UKUSHIYA ipolitiki kumnike ithuba lokwenza umsebenzi awuzwa ngaphakathi wokuba wusizo kubantu bafunde kabanzi ngokusebenza kwentando yabantu nangokuzikhiqizela ukudla.
UNksz Mbali Ntuli, owayengumholi oqavile kwi-Democratic Alliance (DA), usephethe inhlangano ethuthukisa amakhono omphakathi ebizwa nge-Ground Work Collective.
Le ntokazi ekhulele eLa Lucia, eThekwini, ithe ukuphuma kwezombangazwe kuyisize ukuba igxile ekwenzeni umehluko kubantu abasemazingeni aphansi.
Uchaze i-Ground Work Collective njengenhlangano enhloso yayo ukuthuthukisa umphakathi ngemfundo, ukufundisa ukuphila kangcono nokuhlomisa abantu ngolwazi lokuphemba amabhizinisi.
“Umsebenzi wethu wukufundisa umphakathi ngokwenzeka ezweni ukuze ukwazi ukuba yingxenye yentando yabantu. Sigxilile nasekufundiseni abantu ukuzikhiqizela ukudla kwabo ngoba kubalulekile ukuthi wonke umuntu abe nokudla okwanele. Sifundisa ngezindlela zokulima ezingayilimazi imvelo. Sibuye sibahlomise ngamakhono ahlukene azobasiza ukungena kwezamabhizinisi nokuthi bakwazi ukuzimela. Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi abantu esibathuthukisayo bayakwazi ukuzimela, babambe neqhaza entuthukweni yabo.”
Uthe abantu bangasebenzisana ne-Ground Work Collective ngezindlela ezihlukene, kusukela kulabo abafuna ukuvolontiya ngamakhono abo, bawadlulisele emphakathini. Abanye banganikela ukuze le nhlangano ikwazi ukuba nemali yokuqhuba izinhlelo zokusiza umphakathi. Babuye basebenzisane nosomabhizinisi, izinhlangano zomphakathi neminyango kahulumeni enenjongo efana neyabo.
Uthe wonke umuntu angabamba iqhaza ekuthuthukiseni umphakathi, kungaba wukunikela ngesikhathi, izinsiza noma ukusebenzisana nabantu abanenjongo efana neyakho.
Yize engasagxilile epolitikini kodwa uNksz Ntuli uthe ukusebenzela umphakathi nokuletha ubulungiswa kuyohlale kusegazini lakhe.
“Ngikholwa wukuthi ipolitiki ngenye yezindlela esinazo zokuletha uguquko kodwa akuyona yodwa. Ngalo msebenzi engiwenza eGround Work Collective, ngisaqhubeka nokulwela ukuthi kube noshintsho, kuphela ngisebenzisa indlela ehlukile kunaleyo engangiyisebenzisa kuqala. Ngaleyo ndlela ngiyishiyile ipolitiki kodwa yona isegazini lami. Sengiyisishabasheki esigxile ekushintsheni impilo yabantu emazingeni aphansi.”
UNksz Ntuli uthe kubalulekile ukuba kuthuthukiswe abaholi besifazane bangomuso.
Uveze ukuthi kwi-Ground Work Collective basebenzisana nabesifazane abancane ukuze babahlomise ngamakhono azobasiza ukuba ngabaholi bangomuso.
“Sinezinhlelo zokuthuthukisa abaholi besifazane bangomuso, siyabasiza ukuthi bazethembe, bakwazi ukuba ngabaholi abanamakhono adingekayo. Ngibuye ngenze isiqiniseko sokuthi ngiqeqesha abesifazane abancane ngesipiliyoni esenginaso kwipolitiki. Kubalulekile ukubeseka ngoba ngifuna ukubona abesifazane besezikhundleni zobuholi beletha uguquko esiludingayo.”
Kwabesifazane abafisa ukuba ngabaholi uthe akufanele bazibukele phansi, kufanele bangashintshi kwabakhokhelwa kukho bese beqinisekisa ukuthi baletha uguquko oluhle.
“Ukuhola kumayelana nokusiza abantu nokuba nesibindi sokuthatha izinqumo ezinzima. Kubalulekile ukuthi uma ungumholi ube nabantu abazokweseka, abazokucathulisa bakwazi ukukuhlomisa ngamakhono owadingayo. Abesifazane kufanele bakhumbule ukuthi bahlukile futhi bangaletha uguquko oludingekayo ebuholini. Kufanele bangasabi ukungena ezikhundleni, bakhulume kuzwakale ngoba siyabadinga njengamanje.”
UNksz Ntuli ungowesifazane onesibindi, ngaleyo ndlela uyakholelwa ekutheni abesifazane kufanele babe nesibindi sokwenza abakufisayo noma ngabe bayasaba kodwa bangasabi ukumela indawo yabo.
Ubalule ukuthi noma ngabe benza amaphutha akufanele babe namahloni kodwa kufanele bafunde emaphutheni abo.
“Ngifunde ukuthi ushintsho lwangempela luqala emazingeni aphansi bese luya phezulu. Sike sibheke kubaholi ukuthi bazoxazulula izinkinga zethu kodwa empeleni ushintsho luqala uma imiphakathi ithatha isinyathelo sokuxazulula izinkinga zayo.”