UKUGWEMA ukuvaleka esafunda unyaka wokuqala enyuvesi kwenza uNksz Fundisiwe Zimhlophe Zuma wejwayela ukuthola amatoho emicimbini eyahlukene, ikakhulu eyomculo wokholo eThekwini.
Luqale lwakhula kanjalo uthando lwemboni yokuhlela imicimbi kuNksz Zuma, obevame ukwenza imisebenzi yokungenisa nokuhlalisa abantu phansi emicimbini, wafunda okuningi ngokuthi kwenziwa njani ukuze umcimbi ube yimpumelelo.
Wukuqhubeka kanjalo iminyaka engaphezu kwemihlanu okwenze wagcina enquma ukusebenzisa amava nolwazi analo, wakutshala kwindodakazi kadadewabo omdala, uNksz Olwethu Minenhle Sokhulu, ayifake kancane kancane kulo msebenzi, baze banquma ukuqala inkampani yabo iMinemhlophe Brands.
Elandisa ngomsebenzi owenziwa yiMinemhlophe Brands, abayisusele emagameni abo esibili athi Minenhle noZimhlophe, uNksz Zuma uthe basebenzisa u-R30 000 wemali abebeyenze ngamatoho ahambisana nale mboni nengane kadadewabo, ukuthenga ifenisha nemishini yokusebenza ebidingeka.
“Siqale ngoMashi wanyakenye, saba nenhlanhla yokuthi bese kuvele kunabantu abese besazi ngomsebenzi esiwenzayo, saqhubeka khona lapho, sabuye sasizwa wukubhalela izinkampani ezahlukene, sicela ukuzisiza ukumaketha imikhiqizo yazo nokunye ezisuke zikwenza ngaleso sikhathi, okwenze sathola amakhasimende amakhulu,” kusho uNksz Zuma.
Eqhuba, uthe okubasebenzela kakhulu enkampanini yabo wukukwazi ukuqhamuka namacebo okusiza umuntu noma inkampani esuke ifuna ukuhlela umcimbi othile ukuthi ube yimpumelelo, nokukwazi ukusiza abafuna ukumaketha imikhiqizo yabo ethile ukuthi ifinyelele kwabezindaba.
“Eminye yemisebenzi emikhulu esesise sasebenza kuyona i-Africa’s Travel Indaba ne-Resurgence Conference, nomcimbi esiwenze okokuqala nyakenye i-Industry Chats. Yomithathu le misebenzi siyenze yaba yimpumelelo ngokubambisana neMagaga Media Communications,” kulanda uNksz Zuma.
Uthe nakuba kungesiwo umsebenzi oba mnandi njalo ngenxa yokuthi kubuye kube nendlala yamakhasimende, okudalwa wukuthi izinkampani ezinkulu zithanda ukusebenza nabantu abathile kuphela, kepha kuyasebenzeka uma uzikhandla. Uthe okubalulekile ukuthi uziyele wena ebantwini ofuna ukusebenza nabo, ungalindi ukuthi kuze kuvele amathuba amaningi namakhulu azozizela kuwe.
“Manje sesibheke ukukhulisa inkampani yethu, ibe ngeyaziwayo nethenjwayo ukuhlela imicimbi nokumaketha imikhiqizo, bese senza imicimbi yethu ehlukene njalo ngonyaka,” usho kanje.
UNksz Zuma udabuka eMgungundlovu kanti uneziqu ze-BTech in Business Management yase-DUT, uthi uNksz Sokhulu ngowaseVerulam, manje wenza unyaka wokugcina wezifundo ze-Information Technology khona e-DUT. Umsebenzi omningi webhizinisi okwamanje bawenzela ehhovisi labo elincane eliseBerea, eThekwini.