USIHLALO weKwaZulu-Natal Economic Regulatory Authority (KZNERA), uNksz Mbali Myeni, uthi abantu abayeke ukubuka imboni yotshwala neyokugembula kabi ngoba lezi zimboni zidala inqwaba yamathuba omsebenzi futhi zingenisa imali emnothweni wesifundazwe.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, uNksz Myeni, uthe i-KZNERA ayigcini nje ngokukhipha amalayisensi okuhweba ngotshwala, awezindawo zokugembula, ezokudlala amahhashi nokunye okuthinta ubumnandi, kodwa bafaka zonke izinhlaka kwezomnotho.
Ngonyaka odlule, uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo, waveza ukuthi imboni yokugembula nemidlalo ingenise u-R724 million kuhulumeni waKwaZulu-Natal yadala amathuba omsebenzi awu-11 600.
“Izimboni zotshwala, ezemidlalo nokugembula akufanele zibukwe kabi kodwa kufanele zibukwe ngeso lokuthi ziletha impilo engcono kubantu. Izona ezidala amathuba omsebenzi, okufaka abesifazane kwezomnotho nazo zonke izinhlanga zabantu bakuleli. Embonini katshwala siyazibona zonke izinhlanga kodwa kweyokugembula nemidlalo luyadingeka uguquko.”
Uthe bafike bakhiphe amalayisensi bese benika abantu imigomo ebalulekiile yokuthi labo abathole ilayisensi kufanele baqinisekise ukuthi kukhona abesifazane ezikhundleni zobuholi nokuthi kukhona zonke izinhlanga.
Babuye baqinisekise ukuthi abahweba kule mboni nabajabulela imikhiqizo yakhona bajabula ngendlela ehlelekile.
“Ilayisensi esiyikhiphayo isuke inesikhathi lelo bhizinisi elivumeleke ukuhweba ngaso. Ibuye icacise ukuthi kufanele kube nabantu besifazane ezinhlakeni zobuholi. Ubekelwa umnqamulajuqu wokuthi zonke lezi zinto kufanele ube usuzenzile ngesikhathi esithile. Siyazi ukuthi uma sikhipha ilayisensi lelo bhizinisi lisuke lizodala amathuba omsebenzi uma seliqala ukusebenza.”
Ubalule ukuthi umkhakha wamahhashi ubuthathwa njengowohlanga oluthile njengoba bekuyilona olunamahhashi angenela imijaho emikhulu kodwa lokhu kuyashintsha ngoba uhulumeni uyayixhasa imijaho yamahhashi.
Uthembise abantu ukuthi bazozibona ngamehlo izinguquko emikhakheni okusebenza kuyo iKZNERA njengoba bezimisele ukuziletha.