BAPHUME beqiqinge izipho abesifazane abebehambele umcimbi weSolezwe,iNtandokazi Womens Club ngoMgqibelo.
Izipho abazitholile ezifana nama-frying pan, amaketela, izikhwama, amavawusha ezokuvakasha nokunye.
UNksz Lungile Xulu waseClermont KwaDabeka ofundisa eNomzamo Mandela Primary, eChartsworth owine ivawusha yokuya eWild Coast Sun, ujabule kakhulu ngokuwina kwakhe.
"Iholidi bengilidinga ngempela umsebenzi esiwenzayo uyakhathaza, siyadinga ukuthi sishaywe umoya. INtandokazi sengiyihambele kane, bekumele kube khona engikhutholayo," ehleka.
UNksz Zandile Mhlongo owine iMake-Up Pallet, uthe uyazithandela ukuzicwala, usesizakele ngokuwina izinto zokuzicwala.
Ngaphandle kwezipho abantu besifazane babuye babusiswa ngomculo wokholo njengoba uDumi Mkokstad ebeqhulula amanoni akhe kulo mcimbi.
UZulu Pavarotti naye ushukumise abesifazane ecula umculo we-Opera.
UNksz Phumi Mkhize wophiko lokukhangisa kwiSolezwe ubonge abaxhasi balo mcimbi okuyibo abenze ukuthi ube yimpumelelo.
"Kukhona nami engikucoshile ezinkulumeni ebezikhulunywa namhlanje, sibonga kakhulu ngokuthi nibe ingxenye yalo mcimbi,"kusho uNksz Mkhize.
Umphathi wohlelo bekungumsakazi woKhozi uZimdollar Biyela.
Umhleli weSolezwe uNksz Kiki Ntuli ubonge uZimdollar ngokuphatha uhlelo wathi akukholakali ukuthi ngesikhathi beqala ukukhuluma noZimdollar isimo sasingesihle bebanga umsebenzi.
"Sakwazi ukubonisana savumelana ngezinto ezithile okugcine ngokuthi sibe nobudlelwane obuhle bokusebenza," kusho uNksz Ntuli.