Impilo Yabantu Intandokazi

Ungene emkhakheni wabangcwabi ngenhloso yokuhlonipha amasiko abamnyama

Nokubongwa Phenyane|Published

UNKK Khanyo Ngcobo onebhizinisi labagcwabi iNdabe Dignified Funerals oqale ukungena emkhakheni wokuba umngcwabi ngenhloso yokugcina amasiko abantu abamnyama uma behanjelwe yisihlobo

Image: Sithunyelwe

UKUFUNA ukufeza izifiso zabantu abamnyama zokugcwatshelwa amalungu emindeni yabo  ngendlela abafisa ngayo, nokuba khona kwakhe siqu uma beyofihla emakhasimendeni abo yikhona okwenza uNkk Khanyo Ngcobo abe nesandla ebhizinisini labagcwabi analo.

UNkk Ngcobo nomyeni wakhe uMnuz Ndabe Ngcobo abaqhamuka endaweni yaKwaQiko, eScottburg, banebhizinisi labangcwabi iNdabe Dignified Funerals.

Uthe ibhizinisi laqalwa ngo-2001 futhi manje linamagatsha angaphezu kuka-15 nabasebenzi abangaphezu kuka-200 ezindaweni ezehlukene KwaZulu-Natal.

UNkk Khanyo nomyeni wakhe uMnuz Ndabe Ngcobo abanebhizinisi labangcwabi iNdabe Dignified Funerals

Image: Sithunyelwe

Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi okumgqugquzele wukubuka indlela ezinye izinkampani ikakhulukazi zabebala eziphatha ngayo imingcwabo yabantu abamnyama zingaqondi indlela okuhlonishwa ngayo amasiko uma kuvele umkhuhlane.

“Kwakunesifo emndenini ngesikhathi ngibona ukuthi inkampani eyayisiphathele umsebenzi ayisenzelanga kahle, isiko noma singathini libalulekile ebantwini abamnyama. Ngafuna ukuqala into ezokwenza kangcono futhi ibe sezingeni elizothakaselwa abantu abahlukene. Sahlala phansi nomyeni wami sabona ukuthi kunganjani siqale elethu elizokwazi ukufeza okufunwa yimindeni yasemakhaya futhi senze ngendlela abafuna ngayo okuhambisana nenhlonipho nesiko. Kula savula khona indawo yokuqala futhi esakufungela wukuthi sizoba seduzane nemindeni eshonelwe sibe khona uma isidinga. Yize kwafika isikhathi lapho singakwazi ukwenzela imindeni ezinye izinto ukuze siyilekelele njengokwenza isitifiketi soshonile kodwa sibasingatha ngakho konke,” kuchaza yena.

Uthe yibona ababa abokuqala ukuthi babe nezimoto zemindeni kuphela futhi ezisezingeni ukuze bahambise imindeni lapho ifuna ukuya khona.

“Asigcinanga lapho saphinde saqala uhlelo lokuthi kube khona yonke into ethinta umngcwabo, umndeni ungakhathazeki ngokudla, amatende, izitsha bona nje abakhathazeke ngabazokugqoka kuphela. Lokho kuthule imindeni eminingi umthwalo,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi yize amabhizinisi abangcwabi esemaningi manje kodwa kukhona imigomo afisa ukuthi ibe khona ukuze kungabi nokushayisana basebenze ngendlela enokuthula.

“Kuleli bhizinisi mina ngifisa ukuthi kube nemigomo elandelwayo ukuze sonke sisebenze ngendlela enokuthula. Kwesinye isikhathi kukhona abangcwabi abangenzi kahle ngenxa yokuthi bavuke nje bafuna ukungena kulo mkhakha bengazi ngawo, kepha bejahe imali phambili,” kuchaza yena.

Uthe akufisayo wukuthi baqhubeke bavule amathuba omsebenzi entsheni.

Uveze ukuthi abakujahile ukuba namanye amagatsha emadolobheni amaningi KwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe ngoba lokho kuyobavimbela ukuthi bahambele imindeni yamakhasimende abo okuyinto abakholelwa kuyo kakhulu. 

Ngonyaka odlule uthe ukujabulele ukuthi njengeNdabe Funerals bathole indondo emcimbini ohlanganisa izinhlangano zabangcwabi ezehlukene, eziphuma kulo lonke elakuleli ngenxa yomsebenzi abawenza emphakathini.