ZINYATHELA ngolunye unyawo izintombi nto, uma zivunulela imicimbi ehlukene.
Phambilini intombi ibivamise ukuba nemvunulo eyodwa eyisebenzisa uma iya emaceceni nakweminye imicimbi okuvunulwa kuyo. Manje izinto zishintshile izintombi sezishaya ngemifaniswano eminingi ehlukene.
Muva nje kudlisa imifaniswano yeziketi ezimfishane eziveza izithende zezinqe bese zifaka izikhinjana ezincane, ukhehlekhehle, amavesti ayisisefo nobuhlalu obumeshayo.
Phakathi kwemibala edlisayo kubalwa omhlophe, osawolintshi, obomvu, ophuzi, oluhlaza okotshani, oluhlaza okwesibhakabha, opink neminye egqamile.
UNkk Precious Ndlela ohlola izintombi nomsunguli wenhlangano yezintombi iHlalangentombi, uthe ukugqoka imibala ehlukene ehambisana nomcimbi abaya kuwo, kudala isasasa ezintombini.
“Izikhathi ziyashintsha kanti nezintombi esinazo manje sezehlukile kwezakuqala. Manje sinezintombi nto, zasemadolobheni ezikuthandayo ukuhloba zibukeke kahle. Sinezintombi ezifunda emanyuvesi ezifuna ukuthi uma zivunulile kucace. Kukhona ngisho ezizisebenzelayo, ukuthenga imvunulo okungeyona inkinga. Sifuna ukuthi into yethu ihlale iyinhle ikhombise ubumsulwa nobunono bentombi. Asigxili kakhulu ekutheni umbala othile siwungqoka uma kwenzenjani kodwa sikhetha imibala egqamile, edonsa amehlo bese sizikhethela ukuthi othile kweyethu inhlangano siwugqoka uma siya noma yimuphi umcimbi,” kuchaza uNkk Ndlela .
Uqhube wathi kuyenzeka esikhundleni seziketi eziyimibalalabala bakhethe ukugqoka izingubo ezimhlophe bese behloba ngobuhlalu.
"Izintombi ziyayithanda into enhle ezokwenza ukuthi uma ziqhamuka wonke umuntu aphenduke nazo ekhangwa ubuhle bemvunulo nobuhle bentombi ehleli ngentombi,“ kusho uNkk Ndlela, ehleka.
Uthe bayazihlela kusukela endleleni abahamba ngayo uma beviliyela noma beyibhikla.
UNksz Zasembo Mkhize osanda kuchonywa uphaphe lokuba uMiss iNdoni KZN, uthe ukuba nemvunulo eningi kukwenza ukwazi ukuqhakaza nganoma iyiphi enisuke nivumele ngayo neqembu lakho.
"Asifuni ubuntombi buyamaniswe nokuthi ubhorekile noma awuzithandi, okanye ukwenza ngoba ufuna umendo. Asibhorekile futhi asifune mendo. Le yimpilo esizikhethelelo yona esiyithandayo. Sizigcinela ukuthi size sifike esigabeni esithile, asizigcineli amadoda. Siyathanda ukuba bahle, siqhakaze. Sikhipha unyawo uma kunomcimbi wezintombi, izibukeli zisala zenelisekile,“ kuchaza uNksz Mkhize.
UNkk Ndlela uthe wenza konke okusemandleni ukuthi izintombi zijabule futhi zifunde, zingasaleli emuva ngolwazi lwezempilo nezinye izinto ezithinta impilo yomuntu wesifazane.
“Yingakho kwesinye siba nemigidi, amakhempu lapho amatshishi eyalwa khona efundiswa nangezinto ezikhona emphakathini ngoba iqiniso ukuthi izintombi ziyingxenye yomphakathi kumele zazi ngokwenzekayo.”
Laba bathi okunye okwenze bathande ukuqhakaza ngemvunulo, wukuheha namanye amantombazane asakhula ukuthi ayithande futhi nayo ayithathe le ndlela yokuzigcina. Bathi bafuna amantombazane aqonde futhi kugcizeleleke ukuthi impilo yobuntombi nto ayihlangene nakancane nokuzilondela indoda noma umendo kodwa yindlela yokuzithiba nokulinda wenze izinto ngesikhathi sakhona. Usukhule ngokwanele ukuthi ungaqonda nokuthi kuyini ukuba umama wengane nokunye.