Umbuzo
MaGumede, ngingowesilisa ngishadelwe. Umfowethu ongilamayo kade eshadelwa. Manje inkinga ngizizwa sengathi ngithanda umkakhe.
Ngiyazi ngeke uyizwe kahle lento kodwa umka mfowethu owasemakhaya ukhuthele futhi uyapheka. Yonke into uyenza ngesizotha kunalo wami. Lona wami uphila isilungu kakhulu futhi uyavilapha nokupheka.
Sisaqala ukuzwana wayewumuntu ongenankinga nokuyophila impilo yasemakhaya kodwa ngokuhamba kwesikhathi wangijikela. Angazi noma ngiyagula yini MaGumede kodwa umfazi kamfowethu ngiyamthanda.
Impendulo
Cha, awuthandi umfazi kamfowenu wena kodwa uthanda impilo ayiphilayo ngoba kudala uyifisa, manje umfazi wakho akafuni niyiphile.
Lalela ke bhuti, ilula lento ungaze uqhathe umndeni ngento ewubala ugcine uzizondanisa nomfowenu. Wena khuluma nonkosikazi wakho umtshele konke ofuna abe yikho umtshele nokuthi wena uthandani kunkosikazi ukuze uma ningezwani.
Usheshe uthathe isinqumo. Kubalulekile emshadweni ukuthi niqondane futhi niphile impilo enijabulisayo. Uma unkosikazi wakho engahambisana nokufunayo, kuyomele naye athathe isinqumo ukuze wena ukwazi ukuchitha impilo yakho yonke ngowesifazane okugculisayo hhayi lento yokuhalela indlela unkosikazi kamfowenu enza ngayo izinto.