KUYIQINISO elimsulwa ukuthi ukungathembeki kwabantu othandweni yinto ekhona futhi kubukeka sengathi isekude ukuphela. Yize kunjalo kodwa thina elawini likaMaGumede asikukhuthazi nakancane ngoba kudala ingxabano enkulu othandweni uma sekukhona obanjiwe. Into ebuhlungu futhi ukuthi asinawo amandla okukunqanda ukuthi kungenzeki yingakho sizama ngakho konke okusemandleni ukuthi okungenani sinixwayise ukuze nawe ongakaqali ukukwenza, uthi uqambe uyakwenza usuyazi ukuthi kunomthelela ongemuhle othandweni. Eqinisweni nje akusile ukujolela umuntu wakho, okungenani uma usubona ukuthi kungaphezu kwamandla akho, shiya phansi uqale olunye uthando olusha.
Abanye-ke baye bathi bejola bese bezithethelela ngokuthi angeke bame ngomlenze owodwa ngoba uma kwenzeka uphuka loyo mlenze bazosala bekhamisile. Kukhona izinkakha zakhona ekujoleni ezingasakwazi nhlobo ukuphila nomuntu oyedwa futhi ezingabanjwa nhlobo. Kulungile uma uzazi wena ukuthi usungumpetha kulo mkhakha futhi uyakwazi ukudlala amakhadi akho kahle ungabanjwa, ulunge unjalo kodwa uze wazi ukuthi akukho okufihliwe okungeyukuvela. Ugade futhi ungalahlekelwa okukhona ngokungekho ngoba uyozisola usuwedwa, kungasekho ukubuyela emuva.
Namhlanje ngifuna ukukhuluma namavukana emjolweni, izimfundamakhwela. Bakwethu, uma uzazi ukuthi awukwazi ukujola ngicela ungisize ungalokothi ukwenze ngoba uzobanjwa ekuseni bese kuba muncu othandweni lwenu. Akukhathaleki noma ngabe uyindoda okanye ungowesifazane, uma ungakwazi ukujola ungakwenzi ngoba uzobanjwa. Ungezwa noma ungaboni umngani wakho ejola engabanjwa bese ucabanga ukuthi nawe uzokwazi ngoba mhlawumbe wena uzoba nebhadi ubanjwe bese kuyashuba. Le nto yokujola inabantu bayo, kunabantu asebejole iminyaka, abanye babo bajola beganile noma beshadile kodwa kuze kube yinamhlanje abakaze babanjwe.
Yize kukubi ukujolela umuntu wakho kodwa hhayi bantakwethu, kunezinkunzimalanga ezivele zidonse ngamashende noma omakhwapheni ngababili, ngabathathu abanye bahudula baze babe bahlanu. Angazi noma sekuyile nto okuthiwa ngesiZulu ukudlebeleka noma ukudlula.
Amadoda-ke wona uwezwe ekhuluma aze azibize ngamasoka, ubone nje ukuthi umuntu uzibona kahle ukuthi uyinto yengempela. Uhambela phezulu, umuzwe ezincoma ebe enza into ebolile. Muva nje sengixakwa nangabesifazane, hhayi bo bosisi, nani nishaye ngamadoda amahlanu! Abantu-ke banezizathu zabo ezidala ukuthi bagcine sebejola bese kubakhona labo abangenazizathu kodwa abajabulela ukuthi banezintombi okanye amadoda amaningi. Kuyiphutha nokho lokho ngoba sesiphila ezweni lezifo ezithathelana ngokocansi kanti futhi sinjalo nje asiwafuni namajazi omkhwenyana. Kubalulekile ukuthi sizicabangele singabantu, singenzi into ezosigaxelisa iphinde ibeke uthando lwethu engcupheni.
Yebo, amadoda aye athi abesifazane bayaxola uma umuntu ekubambe ukuthi uqonyiwe kodwa izinto azibe zisefana. Ngicela ukunitshela ukuthi uthando luyahlephuka uma esazi ukuthi awuthembekile. Noma angakuxolela kodwa uthando lusuke selonakele. Angisho ukuthi ngiyabathethelela kodwa kuvamisile ukuthi uma kuqhamuka isilingo, owesifazane angabe esasivika. Kuthi xhifi, naye ajoliswe wukuthi nawe uke wajola. Kuqale intambo ende kalayini. Kwabesifazane abajolela amadoda, khululeka dadewethu, uma indoda ithi iyakuxolela ujolile isuke iziqambela amanga nje, abaxoli-ke labo! Uma usubanjiwe nje lolo thando lusuke selonakele. Uma kulunga, hhayi kothatha isikhatha nokusebenza kanzima.
Uma ujabule othandweni lwakho, sihlehlise ngempela isilingo sokujola. Uma ungasathokozile, kuwukuba neqiniso ukuthi uvele ushiye.