SEKUQUBUKE impikiswano ezinkundleni zokuxhumana mayelana nokuzisiza ngawedwana, uzijabulise uze ufinyelele kuvuthondaba, lokhu esikubiza ngendlwabu ngolimu olujwayelekile.
Abantu babeke imibono yabo ehlukene ngalolu daba baphinda baveza nangendlela abazizwa ngayo ngendlwabu. Abanye bebesho khona ukuthi indlwabu iletha imimoya emibi kumuntu nengagcina ivala izinto zakhe, abone yena engalungelwa ilutho empilweni kanti izinto zakhe zimiswe yindlwabu le ayishaya mihla namalanga.
Abanye baveze ukuthi bona kudala bayiqala kodwa konke kuhamba kahle, akukho okuphazamisekayo futhi nempilo iyaphusheka. Angithi phela kukhona osibhincamakhasana abathi idlozi liyabaleka okanye kalisondeli kuwe uma ujwayele ukuzijabulisa ngawedwana ngoba alizwani nokungcola. Bathi noma ngabe ucelani ezidalweni zakini kufana nokuthi uyadlala ngoba usuke ukhungethwe imimoya yokungcola ngenxa yendlwabu.
Abanye bathi ayikho leyo nto, indlwabu ayinamtheleli ekungalungini kwezinto zakho kodwa zisuke zivele zizobheda, hhayi ngoba zivinjwe yiyo. Omunye uze wathi yena ayikho into ashoda ngayo kodwa indlwabu uyishaya nsuku zonke.
Namhlanje ngifisa sike silucubungule lolu daba ngoba lujwayele ukususa izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana. Ngolwazi lwami enginalo, indlwabu ayihlanganisi lutho nemimoya emibi, kudala yaba khona ngisho omkhulu bethu babeyishaya kodwa akukho okwakuphazamiseka. Indlwabu ifana nokwenza ucansi, umehluko ukuthi kuyona usuke uzijabulisa uwedwa kanti ocansini nisuke nibabili.
Engikwaziyo ukuthi ukulala nabantu abaningi okuyinkinga nokungadala amashwa kuvale nezinto zomuntu ngoba umukela imimoya ehlukene ngesikhathi esisodwa. Okwendlwabu nje, cha bandla angivumi, umunwe nje noma izandla sekungaze kulethe imimoya emibi?
Omunye uphawule wathi indlwabu imnandi futhi ichamisana kamnandi kodwa iba nomthelela ongemuhle kwezobudlelwano bakho ngenxa yokuthi usuke usujwayele ukuzijabulisa ngendlela yakho okungenzeka ukuthi uphathina wakho iyamehlula.
Sizokhumbula ukuthi sake sabhala ngobuhle nobubi bayo lapho khona sakubeka kwacaca ukuthi yize ongoti beyincoma kodwa abayikhuthazi ngenxa yokuthi ayiyekeki kalula futhi ungagcina ungasamuzwa uphathina wakho, okanye ugcine usuzwa sengathi akakwenelisi. Omunye uthe kuya ngamadlozi abantu, omunye ayimphazamisi ndawo uma kukhona idlozi lakubo elaliyikhonzile indlwabu.
Thina ELawini LikaMaGumede sithi cha indlwabu ayilethi mimoya emibi futhi ayivali zinto zamuntu kodwa asisho ukuthi abantu abayenze njalo futhi asisho ukuthi abantu abayiyeke ngoba cishe iyona ephephe ukudlula zonke izindlela zokuzijabulisa ngocansi ezikhona. Ayinasifo futhi akukhulelwa muntu, kunalokho ujabula kamnandi maqede ulalise okwengane encane.
ELawini LikaMaGumede ungasilandela ekhasini lethu kwi facebook @ ELawini LikaMaGumede, nakwiWhatsApp: 079 977 1723