UMPETHA ekushayeni izidudla ngemoto uSamkeliso “Sam Sam” Thubane, uthi ukuqokwa kwakhe yiRed Bull South Africa, njengenxusa lokuqala elenza lo mdlalo kuzowukhulisa futhi uhlonishwe umhlaba wonke.
USam Sam owanqoba umncintiswano iRed Bull Shay’iMoto ngo-2021 nango-2022 ngaphambi kokulala isibili nonyaka, ujoyina osaziwayo abahlukene njengamanxusa eRed Bull.
Phakathi kwabo kubalwa umgibeli wezithuthuthu kwiMotoGP uBrad Binder, umshayeli wezimoto zomjaho uGiniel De Villiers, umdlali we-hockey uThati Zulu, ukapteni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi nabanye.
“Kuyinto enkulu kumina nethimba lami ukuthola ithuba lokujoyina iRed Bull ngithathe lo mdlalo ngiwusabalalise umhlaba wonke. Ngikubheke ngabomvu esizokuzuza kulolu hambo esiluqalayo,” kusho uSam Sam odabuka eMpumalanga.
USam Sam (26) uthe usezobonakala ehamba nale nkampani ekhombisa ngokushawa kwezidudla emicimbini eyahlukene emhlabeni jikelele.
“Lokhu kuyizinkomba zokuthi ukushawa kwezidudla kuzonakwa umhlaba wonke. Kuzophela le nkolelo yokuthi yinto yaselokishini eyenziwa ngamaginsa,” kusho uSam Sam.
NoNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke uGayton McKenzie uphumele obala wathi ufuna ukwenza lo mdlalo uhlonishwe ngoba awubona ubugebengu.
USam Sam uthe ukushawa kwezidudla emgwaqweni yomphakathi yikho okunikeze umdlalo igama elibi kwabaningi, nokuyinto osekumele iphele.
“Wumdlalo wokuzijabulisa lona. Abadlala emgwaqweni yibo abenze sengathi unobungozi. Kusiphazamisile kakhulu lokho futhi ngithanda ukutshela abasakhula ukuthi bangadlaleli emgwaqweni ukuthi umdlalo uzondlondlobala. Zikhona izindawo eziphephile zokudlala lapho ungadlala khona udele.”
USam Sam uqale ukushaya izidludla esemncane nokuyinto abesekwa kakhulu kuyo nguyise.
“Wumdlalo obizayo ngoba kumele wenze injini futhi ingafa noma yinini ngoba siyayihlukumeza ihlale isebenza ngamandla ngaso sonke isikhathi. Kuyabiza kwabasaqala ngoba kumele ukhiphe ephakatheni futhi akulula ukuvele usheshe uthole abaxhasi. Kuyabiza impela kodwa siyakuthanda futhi uma into uyithanda uyayikhiphela imali. Ubaba wuye owangithengela imoto yami yokuqala futhi wangeseka kusuka lapho.”