ISIKHULU seMasterDrive, uMnuz Eugene Herbert, sithi uma abashayeli bengashintsha indlela abenza ngayo bancane abahamba ngezinyawo abangafa emgwaqweni.
UHerbert uthe eNingizimu Afrika abahamba ngezinyawo babalwa nabasebenzisi bomgwaqo abafa kakhulu ezingozini. Uthe lena yinkinga esikhungathe umhlaba wonke. Uthe owokuqala ukufa ehamba ngezinyawo kwaba ngo-1896 eshayiswa yimoto.
“Bamba iqhaza ekunciphiseni isibalo sabahamba ngezinyawo, abafa emgwaqweni ngokushintsha indlela oshayela ngayo,” kusho uHerbert.
Ukhiphe amathiphu angasiza abashayeli ukunciphisa izingozi:
-Zama ngayo yonke indlela ukuhlanganisa amehlo nohamba ngezinyawo. Ungalokothi ucabange ukuthi uyazi ukuthi ukhona nokuthi uyazi ukuthi ungase wenzeni.
-Qaphelisisa uma uhamba ezindaweni ezigcwala abantu njengasedolobheni.
-Bheka nasemaceleni kwakho abahamba ngezinyawo.
-Khumbula ukuthi abahamba ngezinyawo yibo abanelungelo lokudlula. Ngisho ngabe ohamba ngezinyawo wenza okungafanele, kuwumsebenzi wakho ukugwema ukuthi ungamshayisi.
-Ebusuku qaphelisisa. Hlala ubuka naseceleni komgwaqo ukuthi akunamuntu yini noma okunyakaza eceleni.
-Uma kunoseceleni ebukeka sengathi udakiwe, yandisa isikhala phakathi kwakho naye futhi uhlale ulindele uma kwenzeka ewela emgwaqweni.
-Gwema okukuphazamisayo uma ushayela ngoba kungaba yingozi kwabahamba ngezinyawo.
-Yehlisa isivinini ngasezikoleni noma ezindaweni ezidlala izingane. Izingane azinalwazi ngomgwaqo futhi uhlale uqaphele izingane ezigijima ngasezimotweni ezizithuthayo ziziyise esikoleni.
-Bhekisisa ngaphambi kokujika ezindaweni okungenzeka kube nabahamba ngezinyawo.
-Hlonipha imithetho yomgwaqo.
-Hlala ukhanyise amalambu ukuze bezokubona kahle abahamba ngezinyawo.