IZIMOTO: BMW M5 neM3 TOURING
I-BMW isisiphendule esayo isigaba sezimoto zomtakabani (premium car segment) njengoba idayisa ubuthaphuthaphu emhlabeni jikelele.
Ezingqungqulwini zaseJalimane okukhona kuzo iMercedes-Benz ne-Audi, iBMW izihambela yodwa.
Isikhulu sakwaBMW Group South Africa & Sub-Saharan Africa, uPeter van Binsbergen, sithe kusuka kuqale unyaka kuze kuba wuSepthemba, baphethe u-42.9% ngokudayisa kulandele i-Audi ngo-20.8% bese kuba yiMercedes ngo-16.6%
Ophikweni lwezimoto zejubane iBMW M GmbH, uSylvia Neubauer, oyiVice President: Customer, Brand and Sales, uthe izinto zibahambela kahle ngoba kuyanyuka ukudayisa emhlabeni jikelele. Ngonyaka odlule badayise ezingu-202 530 okuyisibalo esinyuke ngo-14.3% uma kuqhathaniswa no-2022.
Kulo nyaka kuze kube wuSepthemba badayise ezingu-145 000. Okuyiyona moto edayisa kakhulu yi-i4 M50.
ENingizimu Afrika okuyiyona BMW M ethengwa kakhulu uVan Binsbergen uthe yiM2 kulandele iX5 M60i, X3 M40i, M3 Sedan bese kuba yiM340i.
Bebekhuluma emcimbini iBMW M Fest ebiseKyalami Grand Prix Circuit eGoli lapho kwethulwe khona iM5 entsha kanjalo neM3 Ccompetiton Touring yokuqala ngqa.
I-M5, okuyinhlobo yesikhombisa ikhona, ifika ihluke kakhulu kunezinhlobo ezindala ezaqala ukwakhiwa eminyakeni engu-40 eyedlule.
Isifika inenjini eyi plug-in hybrid.
Injini ingu-4.4 litre V8 kaphethroli ehlanganiswe nekagesi. Kuthi uma kuhlanganisiwe kube namandla angu-535kW ne-torque engu-1 000Nm. U-gearbox yi eight-speed auto.
Ibhethri abalifake ngaphansi lingu-18.5 kWh futhi uma lishajwe lagcwala, bathi ungahamba ngogesi wodwa ibanga elifinyelela ku-69km.
Uyizwa usayidumisa ukuthi iyi-hybrid ngoba iyazithulela. Uma uciphiza amaM button owasethayo ukuthi ufuna imoto izwakale kanjani, iyaqala idumele phezulu.
Ukuyishayela eKyalami ngizungeza kabili kungenze ngasheshe ngabona ukuthi abasengi ezimithiyo ngala mandla abathi inawo ngoba ayezwakala. Uthi unyathela kancane emafutheni ingene ejubaneni kufakazeleke isisho esithi akukho ndlovu yasindwa ngumboko wayo. Phela ukufakwa kwe-hyrid system kwengeze isisindo kuyo.
Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h bathi kuyithatha imizuzwana engu-3.5 kanti ijubane elikhulu ngu-305km/h.
Emakhoneni iya lapho uyikhomba khona futhi iyabambelela njengoba idonsa ngawo womane amasondo kodwa yilapho nesisindo sayo usizwa khona.
Uma uthanda uyakwazi ukuyisetha ukuthi idonse ngamasondo angemuva kuphela bese icisha neDynamic Stability Control.
Okuhle wukuthi namabhreki abamba thaqa uma sekumele ime njengoba ishaya ngamaM Compound kodwa uma uthanda ufaka amaM Carbon ceramic brakes.
Yize izinqawe ziduma kodwa azinawo umsindo otheni, ikakhulukazi uma ungaphandle.
Sisengaphandle, iyabukeka. Inamarimu angu-20 inch ngaphambili no-21 inch ngemuva.
Ngaphakathi izinga liphezulu. Ishaya ngeBMW Curved Display, Head-Up Display, Live Cockpit, izihlalo zesikhumba ezishisayo ngaphambili, izipikha zze-Bowers & Wilkins, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo nokunye.
Ubuchwepheshe enabo buhlanganisa ukuthi ukwazi ukuyipaka usebenzisa iselula umi ngaphandle.
Intengo ingu-R2,690,000.00 kanti ihlanganisa iVAT neMotorplan.
BMW M3 COMPETITION TOURING
Ngokwethula iM3 Competition Touring yokuqala ngqa, iBMW iphaka impi kwi-Audi eyaziwayo ukuthi kuleli idayisa iRS4 Avant neRS6 Avant Performance.
I-M3 ethuliwe yileyo esithuthukisiwe okusho ukuthi amandla enjini anyuke ngo-15kW kuneM3 yasekuqaleni.
Injini ingu-3.0 litre six-cylinder enamandla angu-390kW ne-torque engu-650Nm. Idonsa ngawo wonke amasondo ngo-gearbox oyi eight-speed auto.
Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h bathi kuyithatha imiuzuzwana engu-3.6 kanti ijubane ligcina ku-290km/h.
Engikuthande kuyo ngiyishayela wukuthi ilula ayisindi. Ukhumbuka usuwehlile ukuthi yi-station wagon ngoba ayizwakali nhlobo. Iyashesha futhi iyabambelela nasemakhoneni kanti injalo ikwenza uzithole uhleka wedwa.
Ngaphandle ngiyayithanda indlela ebukeka ngayo futhi inemibala emihle edonsa amehlo. Bayifake amasondo anamarimu angu-19 inch kuthi ngemuva abe ngu-20 inch ukuze ibambelele. Baphinde bafaka i-M Differential ngemuva kanjalo ne-adaptive M suspension njengoba inama-drive modes ahlukene ashintsha indlela ehamba ngayo.
NjengeM5, uyakwazi ukuyenza ifake wonke amandla emasondweni angemuva kuphela.
Uma ufuna ukwehlisa isisindo uyakwazi ukufaka amaM carbon bucket seats, M carbon ceramic brakes ne-Carbon Fibre interior trim.
Ngaphakathi inesiteringi esiyisikhumba esinombala obomvu phezulu ukuze ubone amasondo ajike nngakuphi kanjalo nama-M buttons.
Ine-screen esingu-12.3 inch okufakwe kuso i-Operating System 8.5 kanjalo nesingu-14.9 inch se-digital cluster. Uma uthanda wengeza neHead-up Display.
Isikhala ebhuthini sing-500 litres kodwa uma ulalise izihlalo siba ngu-1 510 litres.
Buningi nobuchwepheshe obufakwe kuyo okubalwa iPark Distance Control with sensors at the front and rear, Cruise Control with brake function, front collision warning system with brake intervention, Lane Departure Warning including lane return with steering assistance, and for South Africa, Park Assist Plus and the Driving Assistant Professional, which adds functions such as the Steering and Lane Control Assistant with automatic Speed Limit Assist, Lane Keeping Assistant, traffic light detection ne-Active Cruise Control with Stop&Go function.
Intengo yayo ayihlukile kakhulu kuneyeM3 sedan njengoba i-sedan ingu-R2 175 000 kuthi iTouring ibe ngu-R2 195 000.
Ngebhadi kwaBMW bathi iTouring isidayiswe yaphela.