IMOTO: JETOUR DASHING
IZIGI zezinkampani zaseChina zizwakala umhlaba wonke futhi nalapha eNingizimu Afrika asisele ngaphandle ngoba siyazizwa.
Enye yezinkampani ezintsha yiJetour efike ngamaSUV amabili okuyiDashing neX70 Plus. Mhlawumbe singakangeni kuyona iDashing le, angiqale ngikutshele kafushane ngeJetour Auto. Iyinkampani eyasungulwa ngo-2018 ngaphansi kweChery Holding Group. Kuleli nokho izimele ayikho ngaphansi kweChery.
Uma sibuyela kwiDashing esihamba ngayo, ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyiMomentum neDeluxe esihamba ngayo.
Zisuka nje ebhandeni okuqaphelayo ngeDashing wukuthi iyabukeka ngaphandle.
Wonke amalambu ngaphandle angamaLED, inamarimu angu-19-inch bese igabade ilishiya ngo-160mm.
Izibambo zokuvula izicabha ziyanyamalala uma uyikhiyile bese kuthi uma usuyivula zivele.
Ngaphakathi uma ungena ukhangwa wubukhulu bayo. Ine-wheelbase engu-2720mm. Icishe ilingane neyeGac Motor Emkoo (2 750mm), VW Tiguan (2 767mm), Baic Beijing X55 (2 735mm), Haval Jolion (2 700mm) neCitroen C5 Aircross (2 730mm).
Ukuvuleka kwayo kwenza abagibeli abayisihlanu bahlale ngokukhululeka bangakhali ngokumpintsheka kwamadolo. Ebhuthini, evuleka ngogesi, kunesikhala esingu- okuthi uma ulalise izihlalo sibe ngu-977 litres.
Uma ufuna ukubona kahle ubunjalo bayo ngaphakathi sengathi ungavula ubhazabhaza we-sunroof bese kungena ukukhanya. Yilapho obona kahle izihlalo zesikhumba ezihlelwa ngogesi ngaphambili futhi ezinezitishi ezibomvu.
Ukukhanya kwelanga, noma uyivalile i-sunroof, bekuthanda ukuba yinkinga ngasegiyeni ngoba bekuxhopha kwazise kuyacwebezela. Noma ngishaje iselula lapho oyibeka khona ngaphandle kwentambo ibixhopheka. Ngingaze ngikhohlwe, ngiphoxeke kabi ukuthi ngaphambili kunezimbobo ezimbili ezijwayelejile zokushaja nge-USB kodwa ngemuva zimbili kukhona ejwayelekile newu-Type C. Ngoba nginentambo ewu-Type C nje, bengiyifaka ngemuva bese ngiyayikhohlwa uma sengehla kanti bekungaba kuhle ukuba nangaphambili zihlukene.
Uma uwumuntu onakayo uzobona ukuthi esiteringini amabhathini ungafunga ukuthi ngaweMercedes-Benz. Nebhathini lokudumisa yinto efanayo. Ngemuva kwesiteringi kune-digital instrument cluster.
Eceleni kwe-cluster kune-touchscreen infotainment system engawona ubhazabhaza njengakwezinye izimoto ezivela ezweni layo. Esihlalweni somshayeli bekunamanye amabhathini ebengingawaboni kahle okudinga ngitshekise ikhanda kancane.
Lokhu bekuthanda ukuba yinkingana kwazise cishe zonke izinto uzenza khona kule touchscreen enamabhathini amancane.
Lapha ngibala ukuhlela amazinga okushisa nama-drive modes imbala (kukhona u-Eco no-Sport).
I-screen lesi anginankinga nendlela esisebenza ngayo. Siveza wonke umzimba wemoto uma upaka ngamakhamera futhi ixhuma iselula nge-Apple CarPlay.
Sengingena emgwaqeni ngibe nenkinga ngendlela esuka ngayo. Ungathi inengwici. Uyanyathela ibe nokubambezela ngaphambi kokuthi isuke. Kokunye ivele isuke mawala.
Inenjini engu-1.5 litre turbo kaphethroli enamandla angu-115kW ne-torque engu-230Nm. Ngike ngayifaka kuN2 ngayikhomba eMzumbe. Ibithi uma ifika ku-100km/h kube nomsinjwana womoya ongena ngaphakathi. Kuthe uma kufona omunye umfo ngixhume i-Apple CarPlay waze wabuza ukuthi ngivule iwindi yini.
Kuphethroli bathi idla 7.8l/100km kodwa ibingasondeli nakancane. Kunalokho ibiku-11.8l/100km.
Ngiyakuthanda kodwa ukuthi iyakutshela uma kunezimoto ezisemaceleni ukuze uphephe uma ufuna ukushintsha umzila. Uma usudlula ku-120km/h beyenza umsinjwana okuyinto engingabonanga ukuthi icishwa kuphi.
Ngokwentengo yayo iyaheha ngephuma nakho kodwa yizo izinto ezimbalwa lapha nalapha ezingangenza ngigcine ngifuna ukuyobheka ezinye.
Intengo:
Jetour Dashing Deluxe – R469 900
Iifka ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, o-warranty yenjini yeminyaka engu-10 noma u-1 million km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km.