ITOYOTA South Africa Motors (Tsam) imemezele ukuthi izokwethula imoto entsha encane maphakathi nonyaka.
Lesi simemezelo senziwe yisikhulu sezokudayisa nokumaketha, uLeon Theron embuthwaneni waminyaka yonke, iState of the Motor Industry (Somi) wesithupha eKyalami Grand Prix Circuit.
Le moto entsha, iVitz, izovala isikhala se-Agya efike ngo-2020 futhi eyayisuselwe kweyakwaDaihatsu. I-Vitz yona izalwe wubudlelwano beToyota neSuzuki njengoba isuselwe kwiCelerio.
Ezinye izimoto ezizayo yiFortuner, eshintshwe izinto ezincane, okulindeleke ukuthi iqale ukudayisa kule nyanga.
Maphakathi nonyaka kuzotheleka i-Urban Cruiser entsha, ebukeka isinkulu kunendala. Le moto eyakhiwa e-India ibizwa nge-Urban Cruiser Hyrider kuleliya lizwe.
ICrown, okwavele nyakenye ukuthi iyeza, izofika ngesibalo esincane ngokuhamba konyaka. UTheron uthe banethemba lokuthi lokho kuzoshintsha bathole eziningi.
Kulo mbuthano kumenyezelwa iLexus RX eyiPlug-in Hybrid, eza ngokuqhubeka konyaka, iLexus NX PHEV athe ingase iqale ukudayisa esikhathini esingaphezu konyaka neLexus UX BEV athe izoba ngenye yezimoto ezihamba ngogesi wodwa abazozethula kuqala, uma sebekulungele.
Isikhulu seTsam, u-Andrew Kirby, sithe ukube isitokwe sikahle kulo nyaka bekuzodayisa izimoto ezingu-580 000 eNingizimu Afrika.
Sithe sibona ukuthi kuzodayisa ezingu-570 000.
Nyakenye wayeqagele ukuthi zizoba ngu-540 000 kodwa kwagcina kudayise ezingu-528 963. Lokhu kuthiwa kungenxa yezinto eziningi ezithinta ukubambezeleka echwebeni laseThekwini nokulimala kwefemu yeToyota eThekwini ekhahlanyezwe yizikhukhula.
UKirby uthe bathola ukwesekwa yikomkhulu labo eJapan kodwa babekelwa ujuqu wokuthi umonakalo ungaphinde wenzeke, okuyingakho beqinisa ezokuphepha.